Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Intokazi engumtshuzi ifisa abamnyama bangene kulo mkhakha

Intokazi engumtshuzi ifisa abamnyama bangene kulo mkhakha

by | 6 April 2026

IZINKOLELO zicishe zamvimba ekufezeni iphupho lokuba ngaphansi kwamanzi, umtshuzi osemncane uNkz Nombuso Qwabe (21) waseThongweni, eMbazwana.

Le ntokazi esingumpetha wokutshuza ngaphansi kwamanzi ithi: “Umama wayehlezi ethi kunenyoka ethatha abantu ngaphansi kwamanzi. Lokhu kungenze ngawasaba, futhi ngawahlonipha amanzi,” esho.

Uthi ngenxa yokungabi nemali yokuqhubeka enyuvesi, ugcine esengena ohlelweni olungaphansi kweNature, Environment and Wildlife Filmmakers (NEWF) okuyilo olumsize ukuthi abe ngumtshuzi. Lapho eqale khona ngesitifiketi se-Open Water, waqhubeka wenza ese-Advanced Open Water, eseRescue njengoba eseyiDive Master.

Uthi uqale ukubhukuda ngoMashi wangonyaka owedlule, ngaphambi kwalokho wayengakwazi ukubhukuda. Nakuba kunjalo uthi bukhona ubungozi bamanzi uma ungezukuwahlonipha. 

“Ukubuka udadewethu nsukuzonke ebuya olwandle, bekungenza ngibe nentshisekelo yokwazi ukuthi kwenzakalani ngaphansi kwamanzi. Ubebuya asitshengise izithombe ezinhle zezinto ezingaphansi kwamanzi okuyizimbali nezilwane ezihlala khona,” esho.

Elandisa ngobuhle abuthole ngaphansi kwamanzi nomuzwa oba khona, uwuchaza njengongefaniswe nalutho

UNkz Qwabe uthi ufisa abazali bangagxili kuphela ezintweni ezifundelwa enyuvesi.

“Kwesinye isikhathi uhlala ekhaya ngoba ungenayo imali yokuqhubeka nokufunda kanti zikhona ezinye izinto ezingakuphilisa. Njengoba kwenzeka nakimina, ngiyafisa nabanye abamnyama bangene kulo mkhakha,” kuchaza le ntokazi ethi ifisa ukuba yi-lifeguard.Ad

Ezisematheni

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...