Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bakhathazekile kunyamalala owesilisa emfuleni uMkhomazi

Bakhathazekile kunyamalala owesilisa emfuleni uMkhomazi

by | 27 March 2025


UKHATHAZEKILE umphakathi waseNkelabantwana, eBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natal, ngokunyamalala kwensizwa, eyemuke nomfula uMkhomazi, ngeSonto ekuseni.

Kuthiwa uMnu Siyanda Hadebe (28) wahamba ngezithuba zawo-10 ekuseni ngeSonto, eyozingela, kodwa wemuka namanzi emfuleni uMkhomazi, owawungenisa, udla izindwani.

Ngokusho kwamalungu omphakathi abona isigameko senzeka, azama ukuhlaba umkhosi kodwa kwabanhlanga zimuka nomoya.


“Sazesashayela amaphoyisa ucingo, sicela ukuthi asibizele izinhlambi, zizomtakula kodwa lutho ukufika. Aqala athi indawo amuke kuyo iseduze nekamu lamaphoyisa eMpendle. Amaphoyisa aseMpendle, azihlangula athi indawo emuke kuyona, ingaphansi kweHimeville.

“Izinhlambi zize zafika ebusuku zivela aThekwini, zazama ukumthungatha kodwa zehluleka ngoba kwasekumnyama, futhi nezulu seliqala ukuna. Ngakusasa kwafika amaphoyisa aseHimeville, nethimba labatakuli, kodwa kuze kube namhlanje (ngoLwesine) akakatholakali. Asithembi ukuthi sisayophiinde simthole ephile uSiyanda,” kusho ilungu lomphakatthi elikhathazekile.


UMnu uSandile Phungula, obekhoba kusukela lesi sigameko senzeka, ubekhala ezimathonsi.

“Lo mfana ukhulele kimi, bengihlala kubo esikhathini esingaphambili. Ukumuka kwakhe kusikhathazile njengoba ngize nganikela ngemoto yami. Sihamba namanye amalungu omphakathi ngikhuluma nawe nje, siyambheka,” esho.

Namuhla ngoLwesine, amaphoyisa, abatakuli, nabaholi bomphakathi (amakhansela), bebegudla umfula uMkhomazi, ngenhloso yokuthola isidumbu sikaHadebe.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....