Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bakhathazekile kunyamalala owesilisa emfuleni uMkhomazi

Bakhathazekile kunyamalala owesilisa emfuleni uMkhomazi

by | 27 March 2025


UKHATHAZEKILE umphakathi waseNkelabantwana, eBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natal, ngokunyamalala kwensizwa, eyemuke nomfula uMkhomazi, ngeSonto ekuseni.

Kuthiwa uMnu Siyanda Hadebe (28) wahamba ngezithuba zawo-10 ekuseni ngeSonto, eyozingela, kodwa wemuka namanzi emfuleni uMkhomazi, owawungenisa, udla izindwani.

Ngokusho kwamalungu omphakathi abona isigameko senzeka, azama ukuhlaba umkhosi kodwa kwabanhlanga zimuka nomoya.


“Sazesashayela amaphoyisa ucingo, sicela ukuthi asibizele izinhlambi, zizomtakula kodwa lutho ukufika. Aqala athi indawo amuke kuyo iseduze nekamu lamaphoyisa eMpendle. Amaphoyisa aseMpendle, azihlangula athi indawo emuke kuyona, ingaphansi kweHimeville.

“Izinhlambi zize zafika ebusuku zivela aThekwini, zazama ukumthungatha kodwa zehluleka ngoba kwasekumnyama, futhi nezulu seliqala ukuna. Ngakusasa kwafika amaphoyisa aseHimeville, nethimba labatakuli, kodwa kuze kube namhlanje (ngoLwesine) akakatholakali. Asithembi ukuthi sisayophiinde simthole ephile uSiyanda,” kusho ilungu lomphakatthi elikhathazekile.


UMnu uSandile Phungula, obekhoba kusukela lesi sigameko senzeka, ubekhala ezimathonsi.

“Lo mfana ukhulele kimi, bengihlala kubo esikhathini esingaphambili. Ukumuka kwakhe kusikhathazile njengoba ngize nganikela ngemoto yami. Sihamba namanye amalungu omphakathi ngikhuluma nawe nje, siyambheka,” esho.

Namuhla ngoLwesine, amaphoyisa, abatakuli, nabaholi bomphakathi (amakhansela), bebegudla umfula uMkhomazi, ngenhloso yokuthola isidumbu sikaHadebe.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...