Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bathembise ukwelekelela umphakathi abahlomule ngoxhaso

Bathembise ukwelekelela umphakathi abahlomule ngoxhaso

by | 19 November 2025

BETHEMBISA ukuthuthukisa amanye amalungu omphakathi kwezomnotho osomabhizinisi abahlomule ngezinsiza zokuthuthukiswa kwamabhizinisi abo ohlakeni lukahulumeni olubhekelela ukongiwa kwemvelo, iSimangaliso Wetland Park Authority.

Lab’ somabhizinisi abawu-9, baxhaswe ngezinto ezizobasiza ukufukula amabhizinisi abo, okubalwa kuwona abanezikebhe ezisetshenziswa ukutetemukisa izivakashi ezizongcebeleka, nabanezindawo zokwamukela izivakashi ezifisa ukuqonda kangcono ngempilo yasemakhaya.

Phakathi kosomabhizinisi abahlomulile kubalwa noMnu Eugene Tembe, uMnu Victor Ngubane noMnu Thokozani Cele abanezikebhe. Lab’ somabhizinisi bathi bazimisele ngokuthuthukisa umnotho wendawo, nokusiza abantu ukuba bakwazi ukuxosha ikati eziko.

Ekhuluma naleli phephandaba uTembe – ongumnikazi wenkampani iThe Bush Lifestlyle – uthi useqalile ukwelekelela amalungu omphakathi ngokuwahlinzeka ngamathuba emisebenzi. Uchaze nosizi abebebhekana nalo phambilini, ngenxa yezikebhe esezindala.

“Mangikucacise ukuthi besi-sebenza ngezikebhe esezinda-la kakhulu, ebezike zife siphakathi nedamu, sisatetemukisa izivakashi. AbeSimangaliso bakubona lokhu, basithengela izinjini ezintsha ukuzifaka ezikebheni ezindala. Lokhu asebekwenze manje kokusithengela izikebhe ezintsha, kusijabulise kakhulu.


“Njengamanje sengiqashe abantu ababili okuyibona abazoshayela izikebhe. Kakugcini lapho, leli damu linothe kakhulu ngezinhlanzi. Besiyaye sithi uma sihamba nezivakashi, zithi ziyafisa ukuzwa ukunambitheka kwezinhlanzi.

“Ngibe sengifuna abafana ababili abazozidoba, nabanye abazozipheka, baphinde bosele izivakashi izinhlanzi. Lokhu kuchaza ukuthi ngoxhaso lweSimangaliso ilinganise-lwa ku-6 imindeni eseyikwazi ukulala idlile,” kuchaza uTembe.

Isikhulu esiphezulu seSimangaliso uMnu Sibusiso Bukho-sini, sizwakalise ukukuthakasela okwenziwe nguTembe nozakwabo kokusebenza nabantu bendawo.

“Ngale komsebenzi wethu wokonga imvelo, enye inhloso yethu wukuthuthukisa umphakathi ohlangothini lwezomnotho. Kuyisifiso sethu ukuthi osomabhizinisi abahweba eSimangaliso bathuthukise umphakathi. Esikufisayo ngazo lezi zikebhe wukuthi umuntu ozobhekelela ukulungiswa kwazo (service), kube ngowendawo.

“Ohlangothini lwezindlu ezizobhekelela ukwamukelwa kwezivakashi, sihlonze imizi ewu-6, ehlomule ngo-R10 million wokuba zilungiswe ukuze zibe sesigabeni esilungele ukwamukela izivakashi.

“Mangikuveze ukuthi le mizi ewu-6 yayivele ikwenza lokhu phambilini, kodwa thina njengeSimangaliso sayicela ukuba ime kancane. Sekuyisikhathi esifanele manje sokuthi iqhubeke nokwenza lowo msebenzi,” kusho uBukhosini.

Uhulumeni wengeze izikebhe ezimbili eziqondene nokusiza umphakathi

Ngesikhathi kwethulwa lezi zikebhe, bekukhona nezinye izinhlaka zikahulumeni okubalwa kuzo uMnyango weMfundo nabeZemvelo KZN Wildlife. Lezi zinhlaka nazo zinikelele amalungu omphakathi ngezikebhe.

Inhloko yoMnyango weMfundo uMnu Nkosinathi Ngcobo, itshele ILANGA ukuthi besisikhulu isidingo salezi zikebhe kule ndawo.

“Kunesikole esingale kwedamu, othisha nabafundi bebethwala kanzima uma kumele bawele, ikakhulukazi uma kufe isikebhe esasiletha kule ndawo. Bathe uma abeSimangaliso bexoxa ngalolu hlelo, sakubona kufanele ukuba nathi silethe ezinye izikebhe ezimbili ukwelekelela othisha nabafundi.

“Lezi zikebhe akuzona ezesikole kuphela kodwa ngezomphakathi wonkana. Noma ngubani uvumelekile ukuzigibela, asizakale ngazo,” kusho uNgcobo.

UMnu Sihle Mkhize, oyisikhulu esiphezulu kweZemvelo KZN Wildlife, udlulisele emphakathini izikebhe ezimbili ezigwe-dlwayo. Naye ugcizelele eyokuthi wonke umuntu uvumelekile ukuzisebenzisa, ngale kokukhipha okuthile ephaketheni.

Ezisematheni

Umfundi kaMatric obekhulelwe uzidubule wafa egcekeni kubo

Umfundi kaMatric obekhulelwe uzidubule wafa egcekeni kubo

UZIBULALE ngokuzidubula ngesibhamu umfundi (16), kamatikuletsheni, obanjwe nguyise ukuthi ukhulelwe. Kubikwa ukuthi uNkz Sisanda Zulu (16), wakwaL, Olundi, obefunda eGqokamandla High School, uzibulale ngemuva kokuba engafunanga ukuphumela obala ngokukhulelwa kwakhe....

UShinga ulahlwe ngamacala okwephula umyalelo weNFP

UShinga ulahlwe ngamacala okwephula umyalelo weNFP

NGUNKZ Mbalu Shinga onguSihlalo weNFP KwaZulu-Natal noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni. AMLAHLE wonke amacala abethweswe wona uSihlalo weNFP ophinde abe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kwaZulu-Natal, uNkz Mbali Shinga, owanqaba...