Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Umunyu kubalingisi ‘ngokuphela’ komdlalo okhonjiswa kuSABC1

Umunyu kubalingisi ‘ngokuphela’ komdlalo okhonjiswa kuSABC1

by | 5 November 2025

BACHIPHIZE izinyembezi abalingisi ngokungabuyi kwesizini yesibili yomdlalo osihloko sithi, “Amalanga Awafani”, okhonjiswa kwiSABC 1, phakathi nezinsuku.

ILANGA lithole ngomthombo walo ongaphakathi ukuthi udaba lokuqedwa kwalo mdlalo luqale lwakhulunyelwa phansi, abaphathi nezikhulu bebelufihla. Umthombo uthi ukuzwakala kwalezi zindaba kugcine kwenza kungasasebenzeki kwabanye abalingisi, njengoba kugcine kuphoqa ukuba babuze ngekusasa labo kulo mdlalo.

“Kayibanga yinhle impendulo esiyitholile njengoba sitsheliwe ukuthi ikusasa lokubuya kwalo mdlalo limnyama,” usho.

Uthi bese kunesikhathi zikhona izimpawu zokungahambi kahle kwezinto phakathi kweSABC neStained Glass TV, okuyinkampani ewuqophayo.

“Kuningi nje obesekwenzeka okudale ukuthi nathi sidideke. Kwesinye isikhathi besifika ekuseni sizosebenza, sitshelwe sesikhona ukuthi kakusetshenzwa, masibuyele emakhaya. Silinde ukuthi sizohola ngosuku oluthile, kodwa size sihole ngolunye, sesize sangena ezikweletini,” kusho umthombo.

Uqhuba ngokuthi kwesinye isikhathi bebehlaliswa emakhaya, batshelwe ukuthi kumisiwe ukuqopha. Omunye umlingisi ocele ukungadalulwa, uthe kumane kwagcwala izinyembezi emehlweni ethola ukuthi sekumele aqale phansi afune elinye itoho, njengoba bese kunesikhathi ehleli ekhaya ngaphambi kokuthola ithuba kulo mdlalo.

“Kunzima ngoba iningi lethu bese linethemba lokuthi sisazozinza kulo mdlalo njengoba bekuseyisizini yethu yokuqala. Kube buhlungu njengoba sazi ukuthi kakusabhekwa kuphela ikhono kwezokulingisa, kodwa sekubhekwa nabalandeli esinabo ezinkundleni zokuxhumana, okwenza sibange nalabo abanegama kuzona,” kusho lo mlingisi.

Okhulumela iSABC, uNkk Mmoni Ngubane, uthe lo mdlalo usaqhubeka nokukhonjiswa kumabonakude.

“Okwamanje kasikho isinqumo esisathathiwe mayelana nekusasa lomdlalo. Njengayo yonke imidlalo esinayo, sithatha izinqumo ngekusasa layo ngesikhathi esifanele,” kusho uNkk Ngubane.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...