Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bakhathazekile kwenyuka imali yamaTollgates

Bakhathazekile kwenyuka imali yamaTollgates

by | 2 March 2025

KUNOKUKHATHAZEKA kumalungu omphakathi wakuleli ngokwenyuka kwenani lemali yokukhokhela ama-tollgates emigwaqweni yakuleli. Lokhu kuza ngemuva kokuba inkampani eyengamele imigwaqo yakuleli iSanral imemezele ukwenyuka kwemali yokukhokhela ama-tollgates kuzwelonke.

Kusukela ngoMgqibelo womhla ka-01 kuNdasa (March) kophezulu, yenyukile imali. Akhona amanye ama-tollgates anyuswe ngemali ephakathi kuka-50c kuya ku-R1. Amanye anyuswe ngaphezulu kuka-R3. Ingxenye yezakhamizi zakuleli izwakalise ukungenami kwayo ngokwenyuka kwezimali.

“Inkinga ezoba khona eyokuthi ukwenyuswa kwemali yama-tollgates angeke kugcine ngokuthi thikameze abantu abakhokhela imigwaqo kuphela. Ukwenyuka kwayo le mali kungenza ukuthi nosomatekisi benyuse imali yokugibela.

“Okunye okukhathazayo wukuthi uhulumeni wakuleli uvumela ukwenyuka kwemali yokukhokhela ama-tollgates kodwa iningi lale migwaqo kayikho esimweni esigculisayo. Inkinga yemigwaqo yinkinga ekhona kuzona zonke izifundazwe zakuleli.

“Sinokukhathazeka ngoba ukwenyuka kwale mali kungaba nomthelela ongemuhle kuzona zonke izinto ezithengiswayo kuleli,” kusho uMnu Jabulani Mahaye, ongomunye wabashayeli abasebenzisa umgwaqo kuleli.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...