Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bakhathazekile kwenyuka imali yamaTollgates

Bakhathazekile kwenyuka imali yamaTollgates

by | 2 March 2025

KUNOKUKHATHAZEKA kumalungu omphakathi wakuleli ngokwenyuka kwenani lemali yokukhokhela ama-tollgates emigwaqweni yakuleli. Lokhu kuza ngemuva kokuba inkampani eyengamele imigwaqo yakuleli iSanral imemezele ukwenyuka kwemali yokukhokhela ama-tollgates kuzwelonke.

Kusukela ngoMgqibelo womhla ka-01 kuNdasa (March) kophezulu, yenyukile imali. Akhona amanye ama-tollgates anyuswe ngemali ephakathi kuka-50c kuya ku-R1. Amanye anyuswe ngaphezulu kuka-R3. Ingxenye yezakhamizi zakuleli izwakalise ukungenami kwayo ngokwenyuka kwezimali.

“Inkinga ezoba khona eyokuthi ukwenyuswa kwemali yama-tollgates angeke kugcine ngokuthi thikameze abantu abakhokhela imigwaqo kuphela. Ukwenyuka kwayo le mali kungenza ukuthi nosomatekisi benyuse imali yokugibela.

“Okunye okukhathazayo wukuthi uhulumeni wakuleli uvumela ukwenyuka kwemali yokukhokhela ama-tollgates kodwa iningi lale migwaqo kayikho esimweni esigculisayo. Inkinga yemigwaqo yinkinga ekhona kuzona zonke izifundazwe zakuleli.

“Sinokukhathazeka ngoba ukwenyuka kwale mali kungaba nomthelela ongemuhle kuzona zonke izinto ezithengiswayo kuleli,” kusho uMnu Jabulani Mahaye, ongomunye wabashayeli abasebenzisa umgwaqo kuleli.

Ezisematheni

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

KUBHUNTSHE inkonzo yokubusisa ithempeli ebihlelwe ngamaNazaretha aseKuphakameni, aholwa yiNkosi uVukile “iNcoyincoyi” Shembe, ngenxa yombango wendawo ophakathi kwalolu hlangothi nolwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.  Le nkonzo obekumele ibe...

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

KUTHOLAKALE imoto nesidumbu somsolwa oyanyansiwa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali esigamekweni esenzeke edolobheni laseKranskorp izolo ngoMsombuluko.  Ngokombiko wamaphoyisa, le sidumbu sitholakale namuhla emgwaqweni oowubhuqu obheke eNkandla,  eduze komfula...

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

KUSUKELA kwesobunxele nguMnu Lindani Shandu, olale isibili, nguMnu Bongani Malimela onqobe umklomelo wokuba ngumshayeli ovelele noMnu Sithembiso Zikalala olale isithathu. AYILOKOTHI itekisi ngoMgqibelo inhlalisuthi enqobe umklomelo wokuba ngumshayeli wetekisi ovelele...