Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inhlangano ikhala ngokuthengwa ngokweqile kukatshwala eMzansi

Inhlangano ikhala ngokuthengwa ngokweqile kukatshwala eMzansi

by | 2 January 2026

ABANTU baseNingizimu Afrika bathenga utshwala obucishe bufinyelele ku-R400 million ngosuku kanti leli nani likhombise ukunyuka lifinyelele ku-R1 billion ngezinsuku zamaholidi okuphela konyaka.

Lokhu kuvezwe inhlangano elwa nophuzo oludakayo iRethink Your Drink ezwakalise ukukhathazeka ngaleli nani ikakhulukazi esikhathini samanje lapho kumele ngabe abantu bakuleli bayonga futhi basebenzisa imali ngendlela efanele.

Ngokubika kwe-eNCA uNkz Kashifa Ancer waleli nhlangano ukhale ngokukhangiswa ngokweqile kukatshwala nezipesheli ezihambisana nokuthenga utshwala ngobuningi.

Uthe lezi zipesheli yizona ezikhuthaza abantu ukuba bathenge utshwala obuningi.

UNkz Ancer uthe nakuba ukuthengwa kukatshwala kuqhakanjiswa ngokuthuthukisa umnotho kodwa lokhu kuphambene uma kubhekwa imali echithwa wuhulumeni elwa nezinkinga ezidalwa wutshwala ezweni.

Ngokusho kukaNkz Ancer iNingizimu Africa isebenzisa cishe 10 kuya ku-12% womnothi wezwe ukubhekana nezinkinga nomonakalo odalwa wutshwa ezweni.

Uthe lokhu kuhlanganisa izibhedlela, izingozi zemigwaqo, ubugebengu nezempilo jikelele.

Uveze ukuthi leli lizwe ngeke likwazi ukuqhubeka nokulahlekelwa yilesi samba semali ekubeni lokhu kungagwemeka.

Uthe inhlangano iRethink Your Drink iphakamisa ukuthi libhekisiswe inani likatshwali ezweni futhi nemithetho yokuthengiswa kwabo iqinisiwe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...