Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inhlangano ikhala ngokuthengwa ngokweqile kukatshwala eMzansi

Inhlangano ikhala ngokuthengwa ngokweqile kukatshwala eMzansi

by | 2 January 2026

ABANTU baseNingizimu Afrika bathenga utshwala obucishe bufinyelele ku-R400 million ngosuku kanti leli nani likhombise ukunyuka lifinyelele ku-R1 billion ngezinsuku zamaholidi okuphela konyaka.

Lokhu kuvezwe inhlangano elwa nophuzo oludakayo iRethink Your Drink ezwakalise ukukhathazeka ngaleli nani ikakhulukazi esikhathini samanje lapho kumele ngabe abantu bakuleli bayonga futhi basebenzisa imali ngendlela efanele.

Ngokubika kwe-eNCA uNkz Kashifa Ancer waleli nhlangano ukhale ngokukhangiswa ngokweqile kukatshwala nezipesheli ezihambisana nokuthenga utshwala ngobuningi.

Uthe lezi zipesheli yizona ezikhuthaza abantu ukuba bathenge utshwala obuningi.

UNkz Ancer uthe nakuba ukuthengwa kukatshwala kuqhakanjiswa ngokuthuthukisa umnotho kodwa lokhu kuphambene uma kubhekwa imali echithwa wuhulumeni elwa nezinkinga ezidalwa wutshwala ezweni.

Ngokusho kukaNkz Ancer iNingizimu Africa isebenzisa cishe 10 kuya ku-12% womnothi wezwe ukubhekana nezinkinga nomonakalo odalwa wutshwa ezweni.

Uthe lokhu kuhlanganisa izibhedlela, izingozi zemigwaqo, ubugebengu nezempilo jikelele.

Uveze ukuthi leli lizwe ngeke likwazi ukuqhubeka nokulahlekelwa yilesi samba semali ekubeni lokhu kungagwemeka.

Uthe inhlangano iRethink Your Drink iphakamisa ukuthi libhekisiswe inani likatshwali ezweni futhi nemithetho yokuthengiswa kwabo iqinisiwe.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...