
ABAHOLI ebebesingathe umgubho wePrince Mangosuthu Buthelezi Day, KwaPhindangene ngoLwesine, bathi umsunguli weNkatha Freedom Party (IFP), iNkosi uMangosuthu Buthelezi washiyela isizwe, nezwe umcebo wangunaphakade.
UMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, obuye abe nguSihlalo weqembu, esifundazweni, uMnu Thami Ntuli, yiNkosi uZuzifa “Maphikelela” Buthelezi, yiPhini likaSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu eKZN, iNkosi uZwelinzima Thwalizwe Gumede, yesizwe saKwaMakhasa, yibona ebebesina bededelana, kutuswa imisebenzi yeMbabazane (njengoba uMntwana waKwaPhindangene, wayebongwa kanjalo).
Isifundo ngempilo kaShenge sethulwe nguMengameli Hlabisa, othe: “Into ebihamba phambili kuMntwana waKwaPhindangene yinkolo yakhe, ngoba naba abefu- ndisi bayalazi iqhaza abelibambe ebandleni laseSheshi (Anglican Church), abekhoza kulona. Okwesibili yisizwe sikaZulu, ngoba ubengundunankulu weziNgonyama ezintathu – uBhusha (iSilo uBhekuzulu), uMdlokombane (iSilo uZwelithini), neNdlulamithi (iSilo uMisuzulu) – futhi elwela isithunzi samakhosi.
“Okwesithathu i-IFP, yiqembu alisungula kunzima. Kuningi obekushiwo ngabantu abangayithandi i-IFP, abanye babo ngabaphrofethi bamanga, nabahlaziyi mbumbulu, abebethi kuyophela ngeNkatha uma uShenge edlula emhlabeni. I-IFP iyaqhubeka iyadlondlobala, ngoba ngokhetho loHulumeni baseKhaya, lwango-2021, sababuyisa omasipala ababelahleke ngokhetho luka-2011 noluka-2016.
“Ngo-2024, i-IFP ibe yiqembu eliholayo ekuphatheni iKZN, eGauteng, sinoNgqo- ngqoshe uMnu Bonginkosi Dlamini, oyilungu leNkatha. Ukubuya ngamandla kwe-IFP, kubonakala uma kunokhetho lokuchibiyela, emawadini, ngoba sizidlela ama- hlanga.”
INkosi uZuzifa Buthelezi, ithe uMntwana waKwaPhindangene uhambe emhlabeni ekhathazekile ngoqhekeko olukhona eNdlunkulu kaZulu.
“UMntwana ukhulele esigodlweni saKwaDlamahlahla, seSilo uSolomon kaDinuzulu, eNdlunkulu kukwabo. Ngesikhathi esesibhedlela, ubethi into yokuqala azoyenza uma ephuma, wukwakha ubumbano eNdlunkulu kaZulu. UMntwana eqeda ukuthola iziqu eNyuvesi yaseFort Hare, wayefuna ukuqhubeka afunde, agcine esengummeli, kodwa uMntwana omkhulu, uMshiyeni kaDinuzulu, nonina uMntwana uMagogo kaDinuzulu, bathi uzalelwe ukuhola isizwe, abewudondolo lwamakhosi aKwaZulu,” kusho iNkosi uMaphikelela.
INkosi uNgamizizwe Madlala, yaseMzumbe, ikhulume egameni lamakhosi, yathi uMntwana ulwele isithunzi namandla ezakhiwo zomdabu, kwaze kwaba sekugcineni kwempilo yakhe. Uthe ngokusungula kwakhe iNgonyama Trust ngo-1994, wayehlose ukulondoloza umhlaba weSilo, ngoba wawusengcupheni. Uphiko lwaMafa aKwaZulu-Natal, olubhekelele amagugu esifundazwe, luthi lufuna idlinza likaShenge ngo-2028, libe yisigcinamagugu esisezingeni likazwelonke.
menzi.jele@ilanganews.co.za







