Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umcwaningimabhuku nekhwelo lokuqapha ngelokhozi iminyango kahulumeni KwaZulu-Natal

Umcwaningimabhuku nekhwelo lokuqapha ngelokhozi iminyango kahulumeni KwaZulu-Natal

by | 21 October 2025

UNXUSE ihhovisi likamgcinimafa waKwaZulu-Natal, ukuba liqhubeke nokuqapha ngelokhozi ukusetshenziswa kwemali kweminye yeminyango kahulumeni esifundazweni uNkz Tsakane Maluleke, onguMcwaningimabhuku-jikelele.

UNkz Maluleke usho lokhu ngoLwesine ngesikhathi ekhipha umbiko weminyango kahulumeni nezinhlaka zawo kunyakamali ka-2024/25.
Umcwaningimabhuku ukhombise ukuseseka isinqumo sehhovisi likamgcinimafa esifundazweni, eliholwa nguNgqongqoshe wezeMali uMnu Francois Rodgers, sokungenelela eminyangweni efana nowezemfundo, ayifake ngaphansi kweso elibukhali.

“Iminyango ebhekelele ukuhanjiswa kwezidingo zomphakathi ezibalulekile ezifana nowezemfundo, owezempilo, owokuthutha nowokuhlaliswa kwabantu kumele iqashwe ngeso lokhozi, ihlolwe ngaso sonke isikhathi ukuthi izinto zisahamba ngendlela yini.

“Ngicela umgcinimafa wesifundazwe ukuba aqinise isandla, alawule ukusetshenziswa kwemali ezinhlelweni ezibalulekile zengqalasizinda. Kuyakhathaza ukwanda kweminyango ehlulekayo wukukhokhela osonkontileka ngesikhathi esifanele,” esho.

Uthi phakathi kwezinto ezibambezela ukuhanjiswa kwezidingo zomphakathi, wukwanda kwamacala avulwa ngabasuke behlawulisa iminyango kahulumeni. Uthi le mali seyifinyelele ku-R15 billion, ingxenye yayo eningi iqhamuka emnyangweni wezokuthutha, owezempilo nowezemfundo. Uthi umnyango wezempilo nowezemfundo kawunayo imali ebhekelele izimo ezifana nalezi, okugcina kuphoqa ukuba kusetshenziswe imali yezidingo zomphakathi.

Uthi kunyakamali ophelile, isibalo seminyango ethole ucwaningomabhuku olungahlanzekile senyukele ku-7, eseminyango ebeyithole ucwaningomabhuku oluhlanzekile olungenagcobho sehlele ku-6, sisuka ku-8.

Unxuse ukuba amakomidi abhekelele ukuphathwa kweminyango ePhalamende kanye nelibhekelele ukuphathwa kwemali yomphakathi iStanding Committee on Public Accounts (Scopa) akukhuthalele ukuhlola ukuphathwa kweminyango.

UNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli uthe bayawemukela lo mbiko. Uthi uhulumeni uzosebenza ngokuzikhandla, ulandele iziphakamiso zikamcwaningimabhuku-jikelele ukuqinisekisa ukuthi yonke iminyango nezinhlaka zayo, bathola imibiko engenagcobho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...