LUCKY CAIN
UBUCIKO busegazini kwintokazi engenisa mawala emculweni uMbali Ngidi osanda kukhipha ingoma ngokuhlanganyela noDJ Tira esihloko sithi Nguye Yedwa. UMbali ungene kulo mkhakha ngemidlalo yeshashalazi lapho ebonakale emidlalweni okubalwa kuyo iSarafina! yesibili ephume ngo-2017 waphinde wabonakala nakwiHow Long kaGibson Kente kodwa edidiyelwe nguDuma Ndlovu. Le ntokazi yasoSindisweni ngaseVerulam ithi izinto seziyaqala ukuyikhanyela kulo mkhakha nakuba idlule kwizingqinamba ezahlukene ezinye zazo ezicishe zaqeda ngekusasa layo kulo mkhakha. Ekhuluma neLANGA uMbali uthe ukusebenza noDJ osezingeni likaTira akuyona into ayithathela phansi yingakho nengoma ayenze nalo DJ ongaconsi phansi iqhakambisa ukubonga. “Kule ngoma ngikhombisa ukubonga nokuthobeka ukuthi ngikwazile ukusebenza nomuntu abaningi abanesifiso sokusebenza nabo kodwa bengalitholi ithuba kodwa ngilitholile,” kusho yena.
Uthe ukusebenza nalo DJ kube yisibusiso empilweni yakhe ngoba ungomunye wabantu ebukela kubona kulo mkhakha. Utshele leli phephandaba ukuthi ngonyaka owedlule ukhiphe ingoma esihloko sithi Xola Moya Wami okuyingoma ayenze ekhungwethu wusizi lokushonelwa ngunina. “Umama wami waphunyelwa wumphefumulo phambi kwami nokuyinto eyangihlukumeza ngoba ngangizitshela ukuthi sekuphelile ngekusasa lami,” kusho yena. Uthi ngemuva kwalesi sigameko wakhetha ukubhala le ngoma ngoba efuna ukuxolisa umoya wakhe kulokhu wabe edlule kukhona. Le ntokazi isebenze noDJ Mngadi nokunguyena omcathulisile emculweni. Uthe nakuba esengene emculweni kodwa ukulingisa ngeke akushiye ikakhulukazi emidlalweni yeshashalazi.
“Ishashalazi yilona elingifakile kulo mkhakha ngakho liyohlale lisenhliziyweni yami,” kusho yena eveza ukuthi nakumabonakude usazimisele ukungena khona wukuthi ithuba alikazibonakalisi. UMbali ngoLwesihlanu uzokwethula le ngoma ethi Nguye Yedwa ngokusemthethweni ngoLwesihlanu endaweni yobumnandi Encore Lounge eWaterloo. Uthe kulo mcimbi okuzobe kungenwa kuwona ngo-R50 ngemuva kwehora lesithupha uzobe ehambisana nozakwabo emculweni okubalwa kubo uTira, Bongz, Mngadi, AmaTycooler, Tipcee, Captain, Vynil King nabanye kantu abaphathi bohlelo uZOE, Nelisiwe Sibiya noSizwe Mdlalose. Amathikithi wezicukuthwane wona azotholakala ngo-R150.