Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isililo kushona omunye wabaQondisi beLANGA

Isililo kushona omunye wabaQondisi beLANGA

by | 17 February 2025

UZIKHOTHA amanxeba umndeni kaMnu Senzo Mfayela (63) obengusopolitiki owaziwayo
njengoba ubeyilungu eliqavile leNkatha Freedom Party (IFP), odlule emhlabeni izolo ngeSonto ekuseni.
Umphefumulo kaMnu Mfayela waseNdwedwe, uphumele esibhedlela lapho ebelashwa khona emuva kokuxinwa wukugula ebesekunesikhathi ehamba nakho.

UMnu Mfayela ubeyilungu loMkhandlu kaZwelonke (National Council) we-IFP, kanti futhi ubengusomabhizinisi owaziwayo.
Umnewabo omncane, uMnu Zwelisha Mfayela, uthi umphefumulo kamnewabo uphumele phambi kwabo bengamalungu omndeni, benaye esibhedlela.

Elandisa ILANGA uthi ngaphambi kokuba ashone umnewabo, umndeni ubiziwe esibhedlela khona izolo ngeSonto.
“Basichazelile ukuthi bona ngokwabo bakwenze konke abebengakuzama, kodwa umzimba awusemukeli abebezame ukukwenza,” kusho uMnu Mfayela.

Uthi babachazelile ukuthi sekuyoba wumzuzu nehora – nebala wafika lowo mzuzu onzima, kwamenela ukufa.

Nakuba ebehamba nakho ukugula uMnu Mfayela, kodwa umnewabo uthi kumqinise kakhulu emasontweni amathathu edlule.

“Kubuhlungu, akwemukeleki. Silimele kakhulu,” kusho uMnu Mfayela.

Umtusa ngokuthi ubengumuntu obekwazi ukulalela ngisho ingane encane.

  • Ubenesiphiwo sokuzalwa, esebenza ngokuzikhandla

Uchaze umnewabo njengomuntu obenesiphiwo esimangalisayo sokwenza izinto zenzeke.

“Ubenesiphiwo sokuzalwa. Bekuthi uma ethinta into iphenduke igolide,” kusho uMnu Mfayela.

Uthi umfowabo ubengumuntu obesebenza ngokuzikhandla, futhi ezinikela emsebenzi awenzayo, kangangokuba bekuthi noma bethi makaphumule ngenxa yokuxinwa wukugula anqabe – ubekholelwa wukuthi isosha lifela emsebenzini walo.

“Bekuye kuthi noma sithi akaphumule, athi ‘akeningitshele ukuthi ngubani owaduma ngokulala’,” kusho uMnu Mfayela, echaza umfowabo.

UMnu Mfayela ushona nje, ubenguMqondisi omkhulu wenkampani iMandla Matla Publishing, engumnikazi nomshicileli wephephandaba ILANGA. Ubephinde abe yiChief Executive Officer yePrince Mangosuthu Buthelezi Foundation.

Ubegxile nakwamanye amabhizinisi okubalwa kuwo nenkampani yakhe yokwakha abebambisene kuyo nozakwabo.

UMnu Blessed Gwala onguSihlalo kazwelonke we-IFP futhi onguSotswebhu oMkhulu we-IFP eSishayamthetho KwaZulu-Natal ekhuluma neLANGA uthe: “Enye yezinsika zeNkatha iwile.

Iwa nje akukapholi amanxeba e-IFP ngokuhamba kukamfowabo uSimo, naye owahamba ngokukhulu ukuzuma”.

UGwala uthi basebenze kahle kakhulu noMfayela.

“Sizwelana kakhulu nomndeni wakwaMfayela, kanye noMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa,” kusho uMnu Gwala.

Uthi ukudlula emhlabeni kukaMnu Mfayela kwenzeka ngesikhathi i-IFP iviliyela, igubha iminyaka engama-50 yasungulwa.

Uqhube wathi nakuba kubuhlungu, kodwa uma isikhathi sokuhamba komuntu sesifikile, kusuke sekufanele abasele baduduzane bodwa.

  • Ushiye inkosikazi nezingane

UMnu Mfayele owazalwa ngomhla ka-23 kuLwezi (November) ngo-1961, ushiye emhlabeni inkosikazi yakhe uNkk Nosisa “MaManci” Mfayela, nabantwana babi abawu-6.

Ushiye nezingane zakwabo ezintathu esiswini sikanina.

Uyise kwakunguMnu Dingizwe Phineas Mfayela, naye ongasekho emhlabeni.

Amalungiselelo omngcwabo abengakaphothulwa ngesikhathi sokuloba lapha.

Ezisematheni

Owokufika udutshulwe wafa ‘bezingela ngokungemthetho’ esiqiwini

Owokufika udutshulwe wafa ‘bezingela ngokungemthetho’ esiqiwini

KUDUTSHULWE abesilisa ababili oyedwa washona bezingela ngokungemthetho esiqiwini iKruger National Park izolo ekuseni. Kubikwa ukuthi laba bangabokufika kuleli. Kuthiwa abaqaphi basesiqiwini bebenza umsebenzi wabo njengenjwayelo, bazithela phezu kwabesilisa abathathu....

Lugujwa ngesikhathi esinzima usuku lwentsha nonyaka

Lugujwa ngesikhathi esinzima usuku lwentsha nonyaka

NGUMNU Paul Mashatile oyisekela likamengameli eNingizimu Afrika. UMGUBHO woSuku lweNtsha kusasa ngoMsombuluko wenzeka ngesikhathi esinzima kubantu abasha, njengoba inqwaba yabo ibhekene nenselelo enkulu yokuswela umsebenzi. Abantu abasha abangasebenzi eNingizimu...

I-MTN iyakuchitha ukuthi i-data ibiza ngokweqile kuleli

I-MTN iyakuchitha ukuthi i-data ibiza ngokweqile kuleli

NGUMNU Charles Molapisi oyisikhulu esiphezulu seMTN. INKAMPANI yezokuxhumana iMTN iyakuchitha ukuthi intengo ye-data imba eqolo eNingizimu Afrika. UMnu Charles Molapisi oyisiCEO yeMTN eNingizimu Afrika, uthi empeleni bayehlisile intengo ye-data. Wenze isibonelo...