Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Bakhumelene umlotha abeqembu likamaskandi AmaSAP

Bakhumelene umlotha abeqembu likamaskandi AmaSAP

by | 25 October 2025

NGUCELAZIMNIKE no-Ali Mgube beqembu AmaSAP.


BAKHUMELANE umlotha abaculi bakamaskandi abaxabane kwahlukana iqembu, ngenxa yokungaboni ngaso linye. U-Ali Mgube noCelazimnike Mtshali sebevumelene ngokubuyisana eqenjini AmaSAP, njengoba bahlukana ngo-2008, okwenza walishiya iqembu uCelazimnike.

Ngokuthola kweLANGA, leli qembu seliqalile ukuqopha i-albhamu entsha ezophuma ngenyanga ezayo. Leli qembu babelisungule ndawonye ngo-2001, okuthe uma bengasaboni ngaso linye, waqhubeka nalo uMgube.

Engxoxweni kaCelazimnike neLANGA, uthe nakuba sekunesikhathi bexabene noMgube, kodwa babonile ukuthi bayadingana. Uthi nabathandi bomculo wabo bebekhala ngokwehlukana kwabo.

“Ukuxabana noMgube akwenzanga sahubhana ngezibhamu. Ngakho kube lula ukuhlala phansi sixoxe, silungise umonakalo. Nakuba uMgube ebeqhubeka yedwa neqembu, kodwa bekubonakala ukuthi siyadingana ukuze umculo walo ubuyele kulo shuni esasiqale ngawo, bewuthanda abantu,” kusho uCelazimnike.

Uthi izingxoxo zokubuyisana baziqale nyakenye, kwaze kwaba bayavumelana kulo nyaka. Uthi iqhaza ayelibambe eminyakeni edlule kusungulwa leli qembu, kusazoba yilona. Uthi isigingci futhi namazwi avumayo ngemuva (backing vocals) ngawakhe.

“Sibuyise ushuni omdala, sawuthaka ngesitayela sesimanje kwezinye zezingoma ukuze abantu abasha, bazizwe bemukelekile,” esho.

Uthi ukuxabana kwabo eminyakeni edlule, kudalwe wukuthi babengakavuthwa emqondweni, bethatha izinkulumo eziqhamuka emaceleni, okuyizona ezabadunga. Phambilini uMgube wathi ukuhlangana kwabo noCelazimnike kwenzeka ngo-2001, bedibana kwaMai-Mai, eGoli.

Ngaleso sikhathi uMgube wayehamba neqembu lombhaqanga alijoyina ngo-1990, elibizwa ngaBadobi Babantu, bekhangisa ngomculo walo.

“UCelazimnike wayephethe isigingci sakhe, saxoxisana kwaba nombono wokuthi masisungule iqembu likamaskandi. Siqale lapho-ke sakhula unyaka nonyaka,” kusho uMgube.

I-albhamu yokuqala abayikhiphe ngo-2001 ithi, “Intandane”, kwalandela ethi, “Ukhamba Lufunze Imbiza”, “Umalume Unenkinga”, “Ungezi” namanye.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

LIHLOSE ukuqinisa ezokuphepha nokuthuthukisa umnotho ezinhla-nganweni zezitokofela, ngohlelo lwalo olusha lwezobuchwepheshe, lokudlala izitokofela ibhange lakwaFNB.Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi leli bhange liyokwe-thula ngokusemthethweni lolu hlelo...

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

KWAKUYISONTO ngomhlaka 11 kuNhlolanja (February) wango 1990, ngesikhathi uDkt Nelson Mandela, ekhululwa ejele laseVictor Vester, eWestern Cape. Umhlaba wonke wawuchwaza, abantu bethe njo komabonakude, bengakholwa ababekubona ngamehlo abo. Kwasekuphela iminyaka ewu-27,...