
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe ngoLwesibili ebusuku, eThornville.
Ngokwesitatimende, uNdlovu ubephuma eRichmond, eya eMgungundlovu, ehamba yedwa ngemoto yohlobo lweBMW, emhlophe.
“Kuqhamuke imoto emphazamisile uNdlovu emgwaqeni, kwaphoqeleka ukuthi ayimise imoto yakhe. Kube sekwehla umuntu oyedwa kuleyo moto, wadubula uNdlovu amahlandla amaningi.
“UNdlovu akashonanga, yize elimele kanzima, ngoba kufike abanye abamaziyo bamthatha bamphuthumisa emtholampilo, eRichmond. Ube esedluliselwa esibhedlela uSt Annes, ePietermaritzurg. Isimo sakhe kuthiwa singozimakhaza.”
menzi.jele@ilanganews.co.za.







