Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Balengelwa yizembe abadlali beChiefs

Balengelwa yizembe abadlali beChiefs

by | 5 November 2024

SENZO SOKHELA

LILOLIWE izembe kubadlali beKaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi le kilabhu ihlela ukudedela ebabona bewuvucu ukuvula izikhala zabadlali ehlela ukubasayinisa uma kuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuary.

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi le kilabhu isezinhlelweni zokudedela abadlali abangekho ezinhlelweni zomqeqeshi uNasreddine Nabi. “Nakuba ukhona umehluko obonakalayo selokhu kufike uNabi, kodwa izikhulu kunabadlali ezingeneme ngabo, ezihlela ukubadedela ngoJanuary. Abanye balabo badlali nguChristian Saile, uZitha Macheke, uPule Mmodi (osesithombeni), uLehlohonolo Matlou, uTebogo Potsane, uSibongiseni Mthethwa noMduduzi Mdantsane.

“Kukhona abadlali ezibabonile ezizozama ukuvala ngabo izikhala kanti abanye babo ngabangaphandle. UNabi ukhala ngokuthi yize abadlali bakhe abasebancane benza kahle, kodwa ukhakhayi kalukaqini kahle, ngeke bayibeke lapho afuna khona okwamanje le kilabhu,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni.

UNabi ukubeke kwacaca ukuthi abadlali anabo njengamanje akakwazi ukudlala ibhola lakhe ngabo. Uthe ukhululiwe ukufuna abadlali abadingayo.

Ezisematheni

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...