Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Selukhishiwe usuku loweSundowns neSekhukhune

Selukhishiwe usuku loweSundowns neSekhukhune

by | 20 March 2025

SELUKHISHIWE usuku nendawo okuzodlalwa kuyona umdlalo we-quarter-final yeNedbank Cup ophakathi kweMamelodi Sundowns neSekhukhune United.


Lo mdlalo wawuhlelelwe uMgqibelo womhla ka-08 kuNdasa (March), wahlehliswa ngenxa yokubhukhwa kabili kwenkundla iLucas Moripe Stadium, ePitoli.

Ngalolo suku, inkundla ibinomdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yabeSifazane abaneminyaka engaphansi kuka-17, elakuleli libhekene neNigeria.

I-PSL imemezele ukuthi iDowns neSekhukhune bazodudulana ngoLwesihlanu lo mhla ka-28 kuNdasa (March), ngo-19h00, khona eLucas Moripe.

Ozonqoba kulo mdlalo uzobhekana neKaizer Chiefs kuma-semi-final.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...