
UNENGWE ‘wukuqamba amanga’ enkantolo umndeni wowesilisa onqatshelwe ibheyili ecaleni lokugwaza abulale umkakhe, kubangwa ukhiye wemoto. Inkantolo yeMantshi yaKwaNongoma, inqabele ibheyili uMnu Sphamandla Kunene ngecala lokubulala umkakhe, uNkk Sibongile Kunene, esigamekweni esenzeka emzini wabo oPhalule, KwaNongoma, ngomhla ka-11 kuMandulo (September) kuwona lo nyaka.
ILANGA labika kabanzi ngalolu daba kulandela ukuba uKunene ezinikelile emaphoyiseni emuva ‘kokugwaza abulale’ umkakhe kubuka omakhelwane. Kwabikwa ukuthi ubudlelwano phakathi kwalaba babungasebuhle. Ngosuku lwesigameko, kuthiwa ingxabano yaqutshulwa wu-mbango kakhiye wemoto njengoba uKunene wayefuna ukuyisebenzisa.
Kwabikwa ukuthi umufi wenqaba ukumnika ukhiye wemoto ngoba naye efuna ukuyisebenzisa. Kwavela ukuthi okunye okwakwenza angamniki, wukuthi umsolwa kwakuthi uma imoto ifile, ayishiye kanjalo, igcine seyinakwa ngumufi.
Kubikwe ukuthi ngaphambi kokuba uKunene agile lo mhlola, umufi washayela enye yezingane zakhe, eyazisa ukuthi umsolwa uyamlwisa, ufuna ukhiye wemoto ngenkani. Kwabikwa ukuthi umufi waphumela ngaphandle ngoba ezama ukuyothola usizo, kanti uKunene uzomlandela, wambonda ngommese ephindelela kubuka omakhe-lwane. NgoLwesine, kube yinjabulo yodwa ngesikhathi uKunene enqatshelwa ibheyili.
Umndeni wakhe umsola ngokusenga ezimithiyo ngesikhathi efaka isicelo sebheyili njengoba kuthiwa uthe wondla izingane zakhe, futhi kunenye yomfana ayifundisayo. Lokhu umndeni uthi kuwucasule kakhulu ngoba lo mfana athi uyamfundisa, ushayela amatekisi akubo, akafundi.
“Akushilo enkantolo efaka isicelo sebheyili kukhombisa khona ukuthi akazisoli ngento ayenza, ngoba ubeqamba amanga aluhlaza. Ubaba kayikho ingane ayondlayo, umama nguyena obesondla, esenzela konke. Uveze ukuthi ufundisa umfowethu omncane, nakhona edukisa inkantolo ngoba umfowethu akafundi, ushayela wona amatekisi kamama.
“Kasazi ukuthi ubeqonde ukuthini uma esho lokho enkantolo,” kusho enye yezingane zikamsolwa. Ibe isidlulisa ukubonga emalungwini omphakathi abathi selokhu abeseka kusukela kwenzeka isigameko kuze kufika lapho uyise enqatshelwa khona ibheyili.







