INTATHELI YELANGA
KUPHELILE ngeRoyal AM kaShauwn “MaMkhize” Mkhize (osesithombeni) ebigijima kwiBetway Premiership njengoba isigungu esiphezulu sePremier Soccer League (PSL) sinqume ukuyixosha.
Emhlanganweni walesi sigungu obuyizolo ngoLwesithathu, sisebe-nzise izigatshana u-10.16, u-10.14 no-14.6 zomthethosisekelo we-National Soccer League (NSL) ukunquma ngale kilabhu.
Sekuwumlando ukuthi ifakwa umgxala nje, isingaphansi kwesandla somlondolozi (curator) nge-nxa yokuthi umnikazi wayo ubhu-kuda ezinkingeni zemali njengoba ekweleta iSars imali elinganise-lwa ku-R40 million.

Isitatimende esikhishwe yiPSL sifundeka kanje: “IRoyal AM iyehluleka wukuqhubeka nokufanele ikwenze kwiligi (ukudlala); iRoyal ixove imininingwane (ngayo) ngesikhathi ivuselela ubulungu bayo kwiligi mhla ka-1 kuNtulikazi (July) 2024; inikezele ngamasheya, okuyinto ephambene nokulawula kwesigatshana u-14.6 somthethosisekelo weNSL.
“Isigungu esiphezulu siphaka-mise kwiBoard of Governors (BoG) yeligi ukuba bunqanyulwe ubulungu beRoyal AM, ngokulandela izigatshana u-10.16, u-10.14 no-14.6 zomthethosisekelo weNSL.” Siphetha ngokuthi iRoyal AM nawo wonke amakilabhu bazothunyelelwa izaziso mayelana no-mhlangano weBoG.
Sekuwumlando ukuthi izinkinga ze-AM ziqale kancane ngesikhathi iqembu layo ebeligijima kwiDStv Diski Challenge lihluleka wukuha-mbela imidlalo.
Emuva kwalokho kuqubuke isi-teleka sabadlali bekhala ngamaholo, imidlalo yayo yagcina imisiwe yiPSL. Ibheke kwabafileyo nje, ibingakaze igijime ngisho owodwa umdlalo kulo nyaka.