Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNdunankulu ukhathazekile ngokubulawa kwabantu eMandeni

UNdunankulu ukhathazekile ngokubulawa kwabantu eMandeni

by | 8 September 2026

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli udlulise ukukhathazeka ngokubulawa kwabantu eMandeni njengoba kusanda kudutshulwa izithandani zakule ndawo, kwaphinde kwabulawa umfundi esikoleni iVusumuzi High School kanye  nobengenele esokuba yikhansela le-IFP, eMlalazi bude buduze nale ndawo.

UNtuli ubeye eMandeni emva kokubulawa kukaMnu Bonginkosi  Makhoba (52) noNkz Thembani Ngiba baseNembe, okuthiwa bangenelwe abantu besekhaya babadubula bashona. Kwesinye isigameko kushone umfundi kuyona le ndawo kanti kusanda kubulawa uMnu Khethelo Mdluli (40) obengenele esokuba yikhansela le-IFP ngaphansi kukamasipala uMlalazi.

UNtuli uthe iyamkhathaza indaba yokubulawa kwabantu kule ndawo njengoba kubukeka izibalo zikhula kakhulu. Uveze ukuthi kumthusikle ukubona ngendlela okunyuka ngayo izibalo zokubulawa kwabantu kuleli.

“Njengoba ngila ngicoshe ucingo obelungitshela ukuthi undlunkulu oyinkosikazi yeNkosi Mathaba (iNkosi Khayelihle Mathaba osakhothama) uhlaselwe abantu bamdubula kodwa ngenhlanhla wasinda. Kuyangijabulisa ukuthi iPolitical Killings Task Team (PKTT) isilusukumele udaba lukaMdluli. Ngasohlangothini lokubulawa komndeni wakaMakhoba, kusekusha ukuthi kukhona esengingakuphawula manje ngoba kusaphenywa. Ukukhuluma kakhulu kulesi sikhathi kungaphazamisa uphenyo. Uma seluphothuliwe ngizosikhipha isitatimende,” esho.

Undunankulu uphinde wadlulela esikoleni iVusumuzi High School lapho kubulawe khona umfundi. Khona ubehola iCrime Fighting Imbizo, lapho ehlanganise khona abaholi bomphakathi, abamabandla namaphoyisa.

Ilungu lomndeni elichaze ngokudutshulwa kwabakaMakhoba, uMnu Nkosinathi Shabane, uthe batshelwe izingane ukuthi bebebane abesilisa abafike bafuna ingane abebeyisola ngokuntshontsha izimpahla zabo. UMakhoba kuthiwa bamphoqe ukuthi akhokhe lezi zimpahla wanqaba ngoba ethe akayazi nale ngane abakhuluma ngayo, kodwa bathi ingumngani wengane yakhona.

Ezisematheni

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...

Inkantolo inqume kumiswe ukuboshwa kukaGetsemane

Inkantolo inqume kumiswe ukuboshwa kukaGetsemane

INKANTOLO eNkulu yaseThekwini isinqume ukuthi kumiswe ukuboshwa kwesikhulu samatekisi, uMnu Siyabonga Thomas Getsemane, njengoba ebephonsele inselelo incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe. UGetsemane onguSihlalo weNanda Taxi Owners Association ubefake enkantolo isicelo...