Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Banomlayezo onesigqi abalingisikazi abangenele uMiss SA

Banomlayezo onesigqi abalingisikazi abangenele uMiss SA

by | 14 April 2025

INTATHELI YELANGA 

ZINOMLAYEZO onesigqi izintokazi ezintathu ezingabalingisi, ezingenele uMiss South Africa wanonyaka, okulindeleke ukuba kuqokwe kuwo uzime ozothatha lesi sicoco esiphethwe nguMia le Roux. 

Ukungenela lo mncintiswano kuvulwe mhla ka-2 ku-April kwavalwa ngoLwesihlanu olwedlule. UMulisa Mudau – odlala indawo ka-Elelwani kuMuvhango – uNirvana Nokwe-Mseleku oke wabonakala emdlalweni uMjolo kwiNetflix – edlala indawo kaMayibuye – noLuyanda Zuma ozobonakala kwiShaka Ilembe 2, ezoqala mhla ka-15 kuJune, ngezinye zezintokazi ezigaqele isicoco salo nyaka. 

NGUMULISA Mudau.

Ekhuluma ngokungenela lo mncintiswano uMulisa – odabuka eFree State, kodwa – uthe uzimisele ngokudlulisa umlayezo ngenkinga yokubukelwa phansi kwabantu abanebala elithe zibaba – abamnyama ngokwedlulele. Le ntokazi ithi ibe yisisulu, iphendulwa inhlekisa kusukela isafunda, ngenxa yokuba mpisholo ukudlula bonke ozakwabo ekilasini.

“Ngiyaziqhenya ngesikhumba sami. Ngingenele lo mncintiswano ukuzojika izinto, ngilwe nokubukelwa phansi kwabantu ngenxa yebala lesikhumba sabo. Lo mkhankaso ungaphezu wami, uwumsebenzi okumele wenziwe yibo bonke abesifazane asebeke baphendulwa inhlekisa, kuthiwa bamnyama ngokwedlulele,” kusho le ntokazi ekhasini layo le-Instagram. 

NGUNOKWANDA Nokwe-Mseleku.

UNokwanda inkaba yakhe eKwaMashu, uthe iNingizimu Afrika idlisa ngesimo esehlukile, esibumba abantu sibelaphe ngezemidlalo, ezobuciko namasiko kanti ubona ukuthi imfundo, wukulingana nokongiwa kwamagugu kungabamba elikhulu iqhaza ekwakheni isizwe. Nokho uthi ngeke isizwe siye phambili uma le mikhakha isadla ngoludala “kukhona ebabandlululayo”. 

“Sekuyisikhathi soguquko manje,” esho.

NGULUYANDA Zuma.

ULuyanda uthi ungenele lo mncintiswano ngenhloso yokukhuthazana amanye amantombazane. Umbono wakhe umayelana nokuthuthukiswa kwentsha – ikakhulukazi ukubhekana ngqo nesimo sokungaqasheki kwayo – nokukhuthaza amantombazanyana ukuba afezekise amaphupho awo. 

“Kuwona wonke amantombazane asafunda noma akuphi nje nezwe, lapho kungacatshangwa ukuthi angenza izinto zenzeke, lokhu (ukungenela lo mncintiswano) kuyisikhumbuzo sokuthi nawo angawafezekisa amaphupho awo,”  esho.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...