
ISITHOMBE NGU: NHLANhLA GUMEDE
KUVULEKE esinye isahluko esisha ngomsebenzi wokulondolozwa nokuqhakanjiswa kwefagugu likaMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, eyayingomunye wabaholi bezombusazwe abaqavile eNingizimu Afrika nase-Afrika jikelele.
NgoMgqibelo kwethulwe, kwavulwa ngokusemthethweni amahhovisi enhlangano engenzi inzuzo, iPrince Mangosuthu Buthelezi Foundation, ePoint Waterfront, eThekwini. Le nhlangano yiyona eyengamele umsebenzi wonke wokulondolozwa kwefagugu likaMntwana ongumsunguli weNkatha Freedom Party (IFP).
UShenge ukhothame ngoMandulo (September) 2023, eseneminyaka ewu-95. Emcimbini okhethekile wokwethulwa kwalawa mahhovisi, uMnu Velenkosini Hlabisa, onguMengameli we-IFP, futhi onguSihlalo wePrince Mangosuthu Buthelezi Foundation, uchaze lawa mahhovisi njengokumele abe yikhaya lefagugu loMntwana; yinkundla yezingxoxo; kanye nesibani sezizukulwane ezizayo.
Phakathi kwakushilo enkulu-mweni yakhe, ukhuthaze intsha ukuba iwasebenzise lawa mahhovisi ukufunda nokuthola ulwazi olujulile ngempilo yalo mholi.
“Ngifuna ukunxusa intsha yakithi ukuba ivakashele lawa mahhovisi, ihlole izinqolobane zomlando futhi ifunde ngempilo yendoda eyahola ngobuqotho,” kusho uHlabisa.
Lawa mahhovisi azinze endaweni esezingeni eliphakeme, ePoint Waterfront, eduze kwalapho kungena, futhi kuphuma ngakhona imikhumbi echwebeni laseThekwini. Isinqumo sokubunjwa kwePrince Mangosuthu Buthelezi Foundation, sathathwa engqu-ngqutheleni kazwelonke yeNkatha Freedom Party (IFP), eyayisoNdini, ngoNcwaba (August) ngo-2019.
Amahhovisi lawa kwakufanele avulwe ngo-2023, kodwa izinhlelo zaphazanyiswa wukudunguzela kwakhe uMntwana waKwaPhindangene njengoba wagcina ekhotheme ngoMandulo (September) ngawo u-2023.
Ngomhla ka-1 kuMandulo 2022, le nhlangano yethulwa ngokusemthethweni emcimbini owawuseNkosi Albert Luthuli Interna-tional Convention Centre (ICC), eThekwini. UHlabisa uthe ngaphambi kokuba akhothame uMntwana waKwaPhindangene, wayeseke wavakasha kulawa mahhovisi, wawabona.
“Lawa mahhovisi kwakufanele ethulwe ngokusemthethweni, futhi avulwe ngosuku lokuzalwa (27 August) kwakhe, ngo-2023,” kusho uHlabisa. Njengoba usugcine wenzekile umsebenzi wokuvulwa kwawo, uHlabisa uthi bazizwa bekhulu-lekile ngokuthi isifiso sikaMntwana waKwaPhindangene sigcine sifezekile.
Utuse ithimba ebelisebenza ukwenza isiqiniseko sokuthi lo msebenzi uyafezeka.
“Ngibonga, futhi ngitusa ama-lungu ebhodi labaphathi (bePrince Mangosuthu Buthelezi Foundation), nesiGungu esiphezulu (National Executive Council) se-IFP ngokuqhuba lo msebenzi uze ufinyelele lapha,” kusho uHlabisa.
Uthi izindonga zesakhiwo salawa mahhovisi zixoxa indaba yobuhlungu nesibindi, indaba yethemba nokuqina, futhi zixoxa indaba yomzabalazo nokusinda kuzona zonke izingqinamba.
“I-Prince Mangosuthu Buthelezi Foundation, yazalwa ngenhloso ecacile, yokuhlonipha ifagugu eliyingqayizivele lomholi onamava nohlonishwayo, oyisishoshovu, owazinikela enkululekweni nasekwakheni isizwe esinokuthula nesibumbene,” kusho uHlabisa.
Phakathi kwezicukuthwane ebezethamele lo mcimbi, beku-khona nomndeni wayo iNkosi uMangosuthu. INkozi uZuzifa Maphikelela Buthelezi, oyindodana yeNkosi uMangosuthu, ithi bewumndeni nesizwe sakwaButhelezi, bazizwa bethobeke kakhulu ngokwethulwa kwalawa mahhovisi.
Uthi bayabonga ukuthi kukhoba ababonayo, futhi abakuncomayo lokho uMntwana akwenzela isizwe.
“Okusemqoka kakhulu wukuthi ayekwenza kuhlale kukhumbuleka kwizizukulwane ngezizukulwane – singasekho thina – kuyohlale kwaziwa ukuthi kwakungubani uMntwana waKwaPhindangene, uPrince Mangosuthu Buthelezi,” kusho iNkosi uButhelezi (Zuzifa).
UMnu Blessed Gwala onguSihlalo kazwelonke we-IFP, uthe: “Sinokuthokoza okukhulu ukuthi lokho okwashiwo ngo-2019, uMntwana ebeka phansi izintambo zokuba nguMengameli weNkatha, sanikezwa yingqungquthela isinqumo sokuthi kwakhiwe le foundation ezohlala njalo ikhuluma ngomlando kaMntwana waKwaPhindangene.
“Lokhu okwenzeka namhlanje, kuzalwa yileso sivumelwano sengqungquthela ye-IFP, esizothi noma sesiya kwingqungquthela elandelayo, sikwazi ukuletha umbiko wokuthi sihambe kangakanani njenge-IFP.”
Uqhube wathi: “Esifuna ukukubona njenge-IFP, wukuthi i-foundation izimele ukuze ikwazi ukusebenza ikhululeke ngale kokuthi sibe khona, noma ipolitiki ingene ezindabeni zeFoundation.
“Yebo iFoundation izobe ikhuluma ngakho konke uMntwana akwenzile, kodwa iyisakhiwo esizimele, esisemthethweni. Kufanele sibe namandla, futhi okuba sisebenze yonke imisebenzi.”
UGwala uthi banethemba lokuthi le foundation izoma kuze kube nguna phakade.
Ukwethulwa kwalawa mahhovisi kulandela omunye umcimbi osemqoka, obusoNdini ngoLwesithathu, lapho bekwethulwa khona indawo enedlinza lika-Mntwana wakwaPhindangene, njengendawo yamagugu evikelekile ngaphansi komthetho obizwa ngokuthi yiKwaZulu-Natal Amafa and Research Institute Act.
Kulowo mcimbi wangoLwesithathu kwambulwa itshe lakhe uMntwana eselilungisiwe, kanti umsebenzi wokulungiswa kwale ndawo, usazoqhubeka njengoba ubekelwe iminyaka emithathu. Kulindeleke ukuba kulungiswe indawana ezokwazi ukwamukela izivakashi uma zifika kule ndawo entsha yokulondolozwa komlando, zikwazi ukuthola ulwazi.
Kuhlelwa nokuthi kwakhiwe izinto okuqoshwe kuzo umlando, phecelezi ama-artifact, izivakashi ezizokwazi ukufunda kuzo ngomlando osemqoka weNkosi uButhelezi. Nakuba okwamanje le ndawo iyindawo yokugcinwa kwamagugu ezingeni lesifundazwe (provincial heritage site), kodwa uNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli, uthe bazimisele ngokuqhubeka basebenzele ukuthi le ndawo igcine ingeyokugcinwa kwamagugu esezingeni likahulumeni kazwelonke (national heritage site), ngisho nasezingeni lomhlaba imbala (world heritage site).
INkosi uButhelezi (Zuzifa) ithi: “Lokhu okwenziwe yisifundazwe kusithinte ngokujulile. Kuseyizo njalo izinhlelo zokuba ingakho-hlakali imisebenzi kaMntwana.” Bheka nasekhasini 12.
bhekin@ilanganews.co.za







