Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UNtuli uveze eyezinhloso zokubuyisela ama-spaza shop kwabakuleli

UNtuli uveze eyezinhloso zokubuyisela ama-spaza shop kwabakuleli

by | 17 November 2024

LUCKY CAIN

UHLANGANE nezimeya zaKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini undunankulu wakesi sifundazwe, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni) ngenhloso yokucaba indlela eyaphambili ekulweni nezinkinga ezithinta ama-spaza nendlela okumele abanikazi bawo baqhube amabhizinisi abo ngayo. 

Lo mhlangano ulandela umsindo ngokwanda kwezigameko zokuthengiswa kokudla okungalungile kulezi zitolo, iningi lazo eziphethwe ngabokufika. 

Ekhuluma kulo mhlangano uNtuli, uthe uhlelwe ngemuva kwesonto uNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya nezoMdabu, uMnu Velenkosini Hlabisa, esayine umthetho obhekelela ukusebenza kwalezi zitolo nemigomo okumele zisebenze ngaphansi kwayo. 

Uthe kumqoka ukuba uhulumeni wesifundazwe usheshe ukusukumele lokhu ukuze zingaqhubeki nokwanda izigameko zokuthengiswa kokudla okuphelelwe yisikhathi nokunobuthi. “Sike saphawula ngomndeni waseCambana, eMzimkhulu, lapho kushone khona izingane ezintathu nenja yakhona kanti ugogo yena ubesaxinekile esibhedlela. Siwuhulumeni sikhathazekile ngalesi sigameko nezinye osekubikiwe ngazo ezindaweni ezahlukene,” kusho uNtuli.

Uthe abanikazi bezitolo abephula umthetho bazobhekana nengalo yomthetho. Uthe nakuba umthetho kumele udlale indawo yawo, kodwa kumqoka nokuthi uhlelo lwabo lubandakanye ukufundisa abanikazi balezi zitolo, kuvame nokuhlolwa kokusebenza kwazo, kube nemikhankaso yokuxwayisa umphakathi ngezinto okumele uziqaphele ngokudla okonakele.

Uveze nokuthi bazimisele ngokubuyisela lezi zitolo ebantwini baseNingizimu Afrika ukuze nomnotho wezindawo usimame. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...