Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UNtuli uveze eyezinhloso zokubuyisela ama-spaza shop kwabakuleli

UNtuli uveze eyezinhloso zokubuyisela ama-spaza shop kwabakuleli

by | 17 November 2024

LUCKY CAIN

UHLANGANE nezimeya zaKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini undunankulu wakesi sifundazwe, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni) ngenhloso yokucaba indlela eyaphambili ekulweni nezinkinga ezithinta ama-spaza nendlela okumele abanikazi bawo baqhube amabhizinisi abo ngayo. 

Lo mhlangano ulandela umsindo ngokwanda kwezigameko zokuthengiswa kokudla okungalungile kulezi zitolo, iningi lazo eziphethwe ngabokufika. 

Ekhuluma kulo mhlangano uNtuli, uthe uhlelwe ngemuva kwesonto uNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya nezoMdabu, uMnu Velenkosini Hlabisa, esayine umthetho obhekelela ukusebenza kwalezi zitolo nemigomo okumele zisebenze ngaphansi kwayo. 

Uthe kumqoka ukuba uhulumeni wesifundazwe usheshe ukusukumele lokhu ukuze zingaqhubeki nokwanda izigameko zokuthengiswa kokudla okuphelelwe yisikhathi nokunobuthi. “Sike saphawula ngomndeni waseCambana, eMzimkhulu, lapho kushone khona izingane ezintathu nenja yakhona kanti ugogo yena ubesaxinekile esibhedlela. Siwuhulumeni sikhathazekile ngalesi sigameko nezinye osekubikiwe ngazo ezindaweni ezahlukene,” kusho uNtuli.

Uthe abanikazi bezitolo abephula umthetho bazobhekana nengalo yomthetho. Uthe nakuba umthetho kumele udlale indawo yawo, kodwa kumqoka nokuthi uhlelo lwabo lubandakanye ukufundisa abanikazi balezi zitolo, kuvame nokuhlolwa kokusebenza kwazo, kube nemikhankaso yokuxwayisa umphakathi ngezinto okumele uziqaphele ngokudla okonakele.

Uveze nokuthi bazimisele ngokubuyisela lezi zitolo ebantwini baseNingizimu Afrika ukuze nomnotho wezindawo usimame. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...