Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Baphume ngesamagundane kuhlasela imvula enamandla emcimbini

Baphume ngesamagundane kuhlasela imvula enamandla emcimbini

by | 7 April 2026

BAPHUME ngesamagundane kuhlasela imvula enamandla ehambisana nesivungungu somoya emcimbini kaKelvin Momo obizwa nge-One Man Show obusePeoples Park eMoses Mabhida eThekwini ngeSonto.

Injabulo iphele sekutatazelwa abanye sebekhosele nasemagumbini angasese ngenxa yesimo sezulu esiqale kungazelele eThekwini njengoba ngaphandle kwalo mcimbi siphinde sadala nomokalo kweminye yemigwaqo nezindawo ezingaphansi kwaleli dolobha.

Kulo mcimbi izinkumbi zabantu beziphume ngobuningi ukuzothokozela uKelvin Momo onguDJ ophinde abe ngumdidiyeli wezingoma kuleli oseke wasebenza nenqwaba yamanye amaciko.

Lo mcimbi uqale kahle nesimo sezulu sisasihle sisavumile kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwashintsha ukwenza seliqala liguqubala.

Ngaleso sikhathi oDJ nabaculi okubalwa kubo uBenny Maverick, Shasha, Sykes, Xola TSM, Zee Nxumalo banye besajabulisa abathandi benjabulo ngezingoma zabo.

Ngesikhathi kuqala umonakalo wesimo sezulu bekusalindeleke ukuthi kunandise usingaye uKelvin Momo njengoba nguyena obekulindeleke ukuthi avale umcimbi ngegiya eliphezulu.

Imvulo ehambisana nomoya ihlasele ngamandla kwaphephuka amatende kwaphoqeleka izinkumbi zabantu ebezisajabula babalekele ukuzama ukuthola lapho bezokhosela khona.

Esitatimendeni esikhishwe ngabahleli balo mcimbi bachaze isimo sezulu njengesenzo soMdali nesibe ngaphezulu kokuhlela kwabo.

“Ngenxa yokuqinisekisa ukuphephan kwezihambeli zomcimbi senze konke okusemandleni ukusinisekisa ukuphepha kwabo ngoba ibona esibabeke eqhulwini ngesikhathi lesi simo sezulu sihlasela,” kusho isitatimende sabahleli balo mcimbi ogcine kuphoqeleka ukuthi umiswe.

UNkz Lulu Mqadi obebhekelela ezokuphepha kulo mcimbi uthe isinqumo sokumisa ukuqhubeka kwalo mcimbi abasithathelanga phansi kodwa bekuphoqa ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu obeyingxenye yalo mcimbi uyaphepha futhi azibikhona izigameko ezingagcina zidala umonakalo omkhulu.

Isitatimende sabahleli balo mcimbi siqhube ngokuthi basazoyikhipha eminye imininingwane ezohambisana nokuqhubeka noma ngokuzokwenzeka ngokuzayo mayelana nalo mcimbi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...