Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 IMambazo izoyigubha noKhozi iminyaka ewu-65

IMambazo izoyigubha noKhozi iminyaka ewu-65

by | 13 August 2025


LETHULE umgubho weminyaka ewu-65 lasungulwa iqembu lodumo lesicathamiya, iLadysmith Black Mambazo, ngokwethula ngokusemthethweni i-albhamu eyingqopha-mlando ehlanganisa izihlabani zabaculi bakuleli uDkt Nduduzo Makhathini noMbuso Khoza.

Le albhamu okulindeleke ukuba iphume ngoLwezi (November) kulo nyaka, esihloko sithi “One Voice, One World”, iqukethe izingoma ezahlukene ezikhiqizwe zadidiyelwa yilaba baculi njengoba eyodwa yazo iphume ngokusemthethweni ngoLwesihlanu esihloko sithi, “You Make Me Happy” esiqalile ukuzwakala emisakazweni.

Leli qembu limemezele ubudlelwano balo nesikhondlakhona somsakazo uKhozi FM, nalo olugubha iminyaka ewu-65 laqala ukuzwakala emoyeni.

UXolani Majozi ongumphathi weMambazo uthe bazizwa bebusisekile ngokuthi ngemuva kwale minyaka leli qembu likhona, lisasemgangathweni futhi lisakwazi ukuqhubeka noma bengasekho ababekhona liqala, okubalwa noJoseph Shabalala umsunguli walo.

“Okuhle ngobab’ uShabalala wukuthi wakwazi ukudlulisela lo msebenzi omuhle ezinganeni zakhe osekuyizona eziwuqhubayo ngendlela ehambisana nesikhathi samanje.

“Okunye wukuthi ngaphandle kwamadodana kabab’ uShabalala, lo msebenzi usudlulele nakubazukulu njengoba sisanda kuba namalungu amasha kulandela ukuthatha umhlalaphansi kuka-Albert Mazibuko obesekunguyena obesekhona kulabo abaqala iqembu nobab’ uShabalala,” kusho uMajozi.

Uthe kulo nyaka bahlela ukubambisana noKhozi emgubhweni wabo njengoba behlela umzungezo ozoqala ngoLwezi (November). Bazohambela amadolobha okubalwa kuwo iPretoria, iGoli, iTheku neCape Town.

Uthe bazoqala ngomcimbi omkhulu ozoba seState Theatre, ePitoli, ozobophela uNduduzo Makhathini, uMbuso Khoza nabanye abasazomenyezelwa.

USbongiseni Shabalala ongomunye wamadodana kaShabalala, obuye acule phambili uthe, bahlale bekuthokozela ukubambisana noKhozi FM njengoba umlando weMambazo uluthinta ngqo uKhozi.

“I-albhamu yokuqala yeMambazo yaqoshelwa ezindlini zomsakazo uKhozi, futhi yilapho yaqala ukuzwakala khona ngaphambi kokusabalala umhlaba wonke. Yingakho kuhlale kusithokozisa ukuthola ukwesekwa ekhaya njengoba kungabantu bakuleli abayesekile iMambazo ize ifinyelele kule minyaka,” kusho uSbongiseni.

Uzwakalise ukuthi banethemba lokuthi umsebenzi abawenze noNduduzo Makhathini noMbuso Khoza uzoba nesasasa nangaphandle kwakuleli, usabalale umhlaba wonke.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...