
BAQASHWE ngeso lokhozi kwesinye sezibhedlela zaseThekwini abasolwa ababili abalimale emuva kokuba bejikelane bodwa ngaphambi kokuba itholane phezulu ngezulu lezandla phakathi kwabo namaphoyisa esigamekweni esenzeke eNtunzuma eThekwini izolo ngeSonto ebusuku.
Kufe abayisihlanu esigamekweni sokudubulana phakathi kwamaphoyisa nabasolwa.
Ngokombiko wamaphoyisa aKwaZulu-Natal kuvela ukuthi amaphoyisa abelandela umkhondo ngabasolwa kusentshenziswa ezobunhloli emuva kokuba kutholakale umkhondo ngetulo ebe lakhiwa ngabasolwa.
Kuthiwa bebehlela ukuyobamba inkunzi kwelinye lamabhizinisi elokishini lakwaMashu khona eThekwini.
“Abasolwa bebehamba ngezimoto ezimbili. Bapake izimoto ekhoneni lomgwaqo.
Emuva kwesikhashana baqale ukudubulana bebodwa. Amaphoyisa abe eseseduze okuthe uma bewabona bajikisa imibhobho yezibhamu bayibhekisa kuwona. Nawo amaphoyisa aphendule ngenhlamvu.
Kubikwa lezi nje amaphoyisa KwaZulu-Natal athele othulini abasolwa abayisihlanu nabo okuvele ukuthi bebehlele ukuyobamba inkunzi kwelinye lamabhizinisi aKwaMashu.
Kushone abayisihlanu. Kalikho iphoyisa elithole ukulimala kulesi sigameko. Abasolwa ababili abalimele ngesikhathi bedubulana nabanye bangeniswe esibhedlela okuyilapho khona bengaphansi kweso lamaphoyisa,” kusho uLt Colonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal.







