Sebeyoze balibone ngonyaka ozayo iLanga

182

INTATHELI YELANGA

SEZIYOZE zilibone ngonyaka ozayo iLanga izakhamizi zase-Utqiagvik, e-Alaska, e-USA njengoba ziligcine izolo ngoMsombuluko, kwazise sezingena esimeni esibizwa nge-polar night, esizothatha izinsuku eziwu-64.

ISITHOMBE NGABE-AP

Leli dolobha ebelaziwa ngeBarrow phambilini, linabantu abalinganiselwa ku-5 000, ababhekana nalesi simo minyaka yonke. Sekuyoze kulamule umhla ka-22 January 2025. Kulezi zinyanga ilanga lingabonwa, izimo zezulu ziye nzima kakhulu. Kuvame ukubanda kakhulu.

Previous articleBabulawe ngamaphoyisa ababanjwe nemoto yokwebiwa
Next articleKulindeleke iphume ekupheleni kwenyanga eyeGucci