Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Baqhakambise isintu ngokushikilisana ngengoma abasemanyuvesi

Baqhakambise isintu ngokushikilisana ngengoma abasemanyuvesi

by | 20 August 2025

ZIQHAKAMBISE isintu izitshudeni zasezikhungweni zemfundo ephakeme, zishikilisana ngengoma kashameni e-Anderson Park, ePinetown, eThekwini eduze kwekhempasi yase-Edgewood, e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ngempelasonto.

Izitshudeni ebeziqhudelana ngengoma, zikhombise okwenzeka ezindaweni zangakubo. Bekumenywe neqembu labesifazane eliholwa uGandaganda.

Lo mcimbi uqalwe ngengoma emini lapho bekuqhudelana khona izitshudeni, kwaphethwa ngedili lomculo. Ngokwezinhlelo zalo mcimbi, usheshe wavalwa ngehora leshu-mi ebusuku.

Umhleli wawo uMnu Sanele “Phoyisa” Hlongwa, utshele izitshudeni ukuthi kuzosheshe kuvalwe ukuze amabhasi ezozihambisa ezindaweni ezihlala kuzona.

“Siyazi kumnandi ukuhlangana kwezitshudeni ngokwehlukana kwezikhungo, kodwa ukuphepha kwazo yikhona obekubalulekile ngoba emanyuvesi silethwe yimfundo, hhayi ubumnandi.

“Nakuba kufundwa kodwa isintu sethu kumele sikhuthazwe ukuze intsha izobambelela kusona,” kusho uHlongwa.

Uthe inhloso enkulu yokusungulwa kwengoma yezitshudeni, wukugqugquzelwa kwesiko nokukhumbuza intsha yasezikhungweni zemfundo ephakeme ngokubaluleka kokuziphatha kahle ezikhungweni.

“Intsha ithola izifo zocansi, ingena ebugebengwini ngenxa yokuhlangana nabangani ababi, betholana emanyuvesi. Besifuna ukuvuselela unembeza nobuntu, sikhumbuzane imuva lethu. Abaningi bayakhohlwa yimuva labo nemindeni uma sebefudukele emanyuvesi,” esho.

Ubonge ukwesekwa kwalo mcimbi wuMasipala weTheku, wuMnyango wezaMasiko namaCiko, owezeMpilo, owezeMfundo ePhakeme, yiphephandaba ILANGA neNYDA. Uveze ukuthi ingoma yezitshudeni izokwenzeka minyaka yonke.

“Isifiso sami wukuthi lo mcimbi siwenzele kuzona zonke izikhungo zemfundo ephakeme,
ujikeleze,” kusho uHlongwa.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...