Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Baqhakambise isintu ngokushikilisana ngengoma abasemanyuvesi

Baqhakambise isintu ngokushikilisana ngengoma abasemanyuvesi

by | 20 August 2025

ZIQHAKAMBISE isintu izitshudeni zasezikhungweni zemfundo ephakeme, zishikilisana ngengoma kashameni e-Anderson Park, ePinetown, eThekwini eduze kwekhempasi yase-Edgewood, e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ngempelasonto.

Izitshudeni ebeziqhudelana ngengoma, zikhombise okwenzeka ezindaweni zangakubo. Bekumenywe neqembu labesifazane eliholwa uGandaganda.

Lo mcimbi uqalwe ngengoma emini lapho bekuqhudelana khona izitshudeni, kwaphethwa ngedili lomculo. Ngokwezinhlelo zalo mcimbi, usheshe wavalwa ngehora leshu-mi ebusuku.

Umhleli wawo uMnu Sanele “Phoyisa” Hlongwa, utshele izitshudeni ukuthi kuzosheshe kuvalwe ukuze amabhasi ezozihambisa ezindaweni ezihlala kuzona.

“Siyazi kumnandi ukuhlangana kwezitshudeni ngokwehlukana kwezikhungo, kodwa ukuphepha kwazo yikhona obekubalulekile ngoba emanyuvesi silethwe yimfundo, hhayi ubumnandi.

“Nakuba kufundwa kodwa isintu sethu kumele sikhuthazwe ukuze intsha izobambelela kusona,” kusho uHlongwa.

Uthe inhloso enkulu yokusungulwa kwengoma yezitshudeni, wukugqugquzelwa kwesiko nokukhumbuza intsha yasezikhungweni zemfundo ephakeme ngokubaluleka kokuziphatha kahle ezikhungweni.

“Intsha ithola izifo zocansi, ingena ebugebengwini ngenxa yokuhlangana nabangani ababi, betholana emanyuvesi. Besifuna ukuvuselela unembeza nobuntu, sikhumbuzane imuva lethu. Abaningi bayakhohlwa yimuva labo nemindeni uma sebefudukele emanyuvesi,” esho.

Ubonge ukwesekwa kwalo mcimbi wuMasipala weTheku, wuMnyango wezaMasiko namaCiko, owezeMpilo, owezeMfundo ePhakeme, yiphephandaba ILANGA neNYDA. Uveze ukuthi ingoma yezitshudeni izokwenzeka minyaka yonke.

“Isifiso sami wukuthi lo mcimbi siwenzele kuzona zonke izikhungo zemfundo ephakeme,
ujikeleze,” kusho uHlongwa.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...