Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Osanda kuxoshwa wuKhozi unikele ngenkomo esontweni

Osanda kuxoshwa wuKhozi unikele ngenkomo esontweni

by | 6 April 2026

OSANDA kuxoshwa oKhozini FM uLucky Nkosi umangaze abaningi ngesikhathi enikela ngenkomo enkonzweni yePhasika, ebandleni i-Uniting Reformed Church, ebiyaziwa ngeleDutch Reformed Church, eMowat Park High School, eThekwini.

Ebuzwa ngalesi senzo uNkosi, uqale wangafuna ukuphumela obala, wathi akwenzile akudingi ukuthi kusakazwe emithonjeni yabezindaba.

“Ngibheke emuva ngabala uNkulunkulu angenzele khona, ngabona sengathi kuncane ukumbonga kwami. Okwesibili bengikhathazeka uma sekufuneka kukhokhwe imali kaGood Friday, ikakhulukazi ngoba sinezaguga ezingakwazanga ukufinyelela enkonzweni ngenxa yezindleko.

“Ngakho-ke ngifisa sifike lapho ngelinye ilanga, siyomema abantu beze enkonzweni ngemali encane noma, bangakhokhi nhlobo. Uma nje ngisaphila ngiyohlala ngikwenza lokhu. Angithengi izibusiso kodwa ngibonga izibusiso,” esho.

UNkosi, obesesakaze iminyaka engaphezulu Kuka-15 oKhozini FM, ungomunye wabanegama abachithwe yilesi siteshi sakwaSABC, ngesikhathi simemezela izinguquko emasontweni edlule. UZakhele ugazi ngokududula izinhlelo zezimpelasonto zomculo wamakhwaya nezingoma “ezingasoze zabuna”.

Leli phephandaba lithole ukuthi njengoba exoshiwe emsakazweni nje, ngeke abe undingasithebeni njengoba ezobuyela ebuthisheleni. Ebuzwa ngalokhu uvele washaya uhleko oluncane wathi: “Ngempela ngubani lo mthombo wakho ethembekile owazi izinto zami eziyimfihlo kanje? Angeke ngiphike noma ngivume kodwa maduze uzokuba ngowokuqala ukuzwa ukuthi umholo wami olandelayo ngizowutholaphi”.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...