Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umunyu umntwana ephonseka ediphini, eshona

Umunyu umntwana ephonseka ediphini, eshona

by | 27 August 2025

SETHUSE amalungu omphakathi waseNtaphuka, eNdwedwe, isigameko sentombazanyana eneminyaka eyisihlanu okuthiwa iphonseke ediphini lezinkomo, yashona ngoLwesihlanu.

Kubikwa ukuthi ingane, elingatholakalanga igama layo, ibidlala nezinye izingane zakubo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Kuthiwa umphakathi uzamile ukuyikhipha ediphini, kodwa wehluleka, kwagcina kushayelwe abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), okuyibona abayikhiphe isishonile.

Akucaci ukuthi izingane zifike kanjani kuleli diphu njengoba ilungu lomphakathi elikhulume neLANGA lithe, liqhelile kakhulu nakubo kwengane.

“Ingane eshonile ibisele kubo nobabekazi nezinye izingane, unina ubesemsebenzini. Ngesikhathi zidlala, ubabekazi ubematasa ngemisebenzi yasekhaya, kuthe uma ebheka ngaphandle, izingane bese zingasekho.

“Uyile ukuyozibheka komakhe-lwane, wangazithola. Kuthe ekuhambeni kwesikhathi wazibona sezibuyile egcekeni, kodwa zingasaphelele. Uzibuze ukuthi ziphuma kuphi, zamtshela ukuthi bezihlangabeze unina walena epho-nseke ediphini.

“Uqaphelile ukuthi kaziphelele, wazibuza ukuthi ikuphi enye ingane abebehambe nayo, zangafuna ukusho, wabe esedonsa uswazi, zasho ukuthi iphonseke emanzini. Uhambe nazo ubabekazi wengane ukuba ziyomkhombisa lapho iphonseke khona.

“Ufike ediphini wazama uku-ngena, kodwa ngenxa yokuthi amanzi abemaningi kakhulu, akakwazanga wabe esecela umfana wakwamakhelwane ukuba amlekelele. Kube sekubizwa nabafana bendawo bazama, kodwa nabo behluleka.

“Bazame ukukhipha amanzi ngamabhakede, kwashayelwa abeReaction Unit ukulekelela. Amanzi abemaningi kakhulu futhi eshona. ingane ibingabonakali ngisho sekuphungulwe amanzi ngamabhakede. Kuze kwasiza ukufika kwabakwaRusa, okuyibona abayikhiphile, isishonile,” kusho ilungu lomphakathi.

Liveze ukuthi idiphu sekuneminyaka likhona kule ndawo. Lithi kuyadida ukuthi izingane zifike kanjani kulona njengoba kuyibanga elide ukusuka kubo uya kulo.

ILANGA lishayele ikhansela lendawo, uMnu Mbhele (elingatholakalanga igama) ngalolu daba, othe ubesezwile ngalo, kodwa wathi usemngcwabeni, ngeke akwazi ukuphawula ngoba akavumelekile ukukhuluma nabezindaba.

Imizamo yeLANGA yokuthola amalungu omndeni kayiphumelelanga, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col uRobert Netshiunda, uthunyelelwe imibuzo ngalo ludaba- naye kuze kwashicilelwa engakayiphenduli.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...