
BASHISE umlilo emasangweni esikole bevimba ukuba kuqhubeke ukufunda nokufundisa ababefunda uMatric eBhekathina High School eMtshezi ngonyaka ka-2024.
Leli kilasi lilwela imiphumela yalo kamatikuletsheni eyabanjwa engakaze iphume ngenxa yezinsolo zokuthi kwakotshelwa izivivinyo zokuphela konyaka ka-2024.
Ophenyweni lomnyango wezemfundo kwaZulu-Natal, lunqume ukuthi abafundi kumele baqale phansi babhale lezi zifundo ezakotshelwa.
Lokhu kubhala kwabo kumele bakwenze ngokohlelo lokuchibiyela noma babhale ekupheleni konyaka nekilasi lakulo nyaka.

Omunye owabanjelwa imphumela kuwona lonyaka wekilasi lika-2024, uthe ngokwesivumelwano sabo nomnyango , besithi bazogwetshwa isikhathi esithile bese beyanikezwa imphumela.
“Besilindele ukuthi imphumela yethu siyiythole ngenyanga edlule. Uma sekumele sinikezwe, sesitshelwa ukuthi kumele siqale phansi sibhale,” esho.
Laba bafundi basolwa ngokukopela iMaths, Physical Sciences ne-Accounting kanti umkhakha wakaGeneral nawo uyathinteka kwezinye izifundo.







