Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isexwayiso kubafundi baka-matric ngombombayi bezikole za-online

Isexwayiso kubafundi baka-matric ngombombayi bezikole za-online

by | 14 October 2025

ISEYINKINGA eyezikole ezingoqhibu-khowe eNingizimu Afrika ezibhalisa umatikuletsheni ngokungekho emthethweni. Lokhu kuzwakaliswe yinhlangano ebhekelele ukubhalwa kwezivivinyo zakwamatikuletsheni kuleli futhi okuyiyona eqinisekisa imfundo esezingeni, ebizwa ngokuthi Umalusi.

Ikhala ngokuthi lezi zikole sezithathe elinye igxathu, zangena kwezobuchwepheshe besimanje (online) njengoba sekusele izinsuku eziwu-7 kubhalwe izivivinyo zikamatikuletsheni. Le nhlangano kulindeleke ukuba yethule umbiko ngokulungela kwayo ukusingatha izivivinyo zikamatikuletsheni ngoLwesithathu.

Ithi nakuba inayo imizamo yokuvala igebe elikhona kwezobuchwepheshe, kodwa abafundi kumele baqaphele ngoba kayikho imithetho ebagunyaza ukwengamela izikole za-online. Kuzokhumbuleka ukuthi kusuka ngo-2020, kuhlasela ukhuvethe, umkhakha wezemfundo waqala ukusebenzisa uhlelo lwa-online, ikakhulukazi ezikhungweni zemfundo ephakeme nakwezinye zezikole zemfundo eyisisekelo.

Kusuka kuleso sikhathi, Umalusi ubulokhu ulishumayele njalo ivangeli lokuba abafundi bazexwaye lezi zikole za-online njengoba zingagunyaziwe yiwona. Ngokusho kukaMnu Biki Lepota, obhekelele ezokuxhumana kule nhlangano, kayikabikhona imithetho egunyaza ukusebenza kwalezi zikole.

“Kuyimpoqo ukuthi Umalusi uhambele izikole izikhawu ukuqinisekisa ukuthi zonke izinto zihamba ngomthetho. Ezikoleni za-online kasikwazi ukukwenza lokho ngoba kayikho indlela esivumela ukuba sikwenze. Ngakho abafundi mabakwexwaye lokho, izivivinyo zakwamatikuletsheni, iNational Senior Certificate (NSC), zibhalwa ezikhungweni ezigunyaziwe ukubhalisa abafundi,” esho.

Uthi izikole ezibhaliswayo ngezilandela uhlelo lokufunda lukazwelonke nezifundisa kusuka ebangeni lika-10 kuya ku-12. Uthi abafundi kakumele bavume ukukhohliseka ngoba umuntu ovumeleke ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni yilowo ophothule ibanga lika-10 no-11.

Ugqugquzele abafundi nabazali ukuqinisekisa ukuthi izikole ezizimele abafaka kuzona izingane zibhalisiwe yini ngaphansi kohlu lwabo. Lokhu bangakwenza kwi-website, ethi: www.umalusi-online.org.za ngaphansi kohlu lwe-Accredited Private Education Institutions.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...