Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ngayisungula ngingedwa i-EFF, kusho uShivambu

Ngayisungula ngingedwa i-EFF, kusho uShivambu

by | 24 December 2024

“NGAYISUNGULA ngingedwa i-EFF, ngayiqamba igama, uphawu lwayo, imibala yayo nokuthi ikomkhulu layo kumele libe kuphi. Bonke abangamalungu ayo babelandela mina. Naye lo oyiholayo (uJulius Malema) walandela mina.”

Lawa ngamazwi kaNobhala-Jikelele woMkhonto Wesizwe Party (MKP) uMnu Floyd Shivambu, awasho ngesikhathi iMKP ihambisele izaguga zaseMahonisi, eLimpopo, uKhisimusi.

UShivambu, obeyisekela likamengameli we-EFF iminyaka eyishumi ngaphambi kokwesula kuyona ajoyine iMKP ngo-Agasti kulo nyaka, utshele lezi zaguga ukuthi umqondo wokusungula i-EFF wamfikela ngesikhathi exoshwe yi-ANC Youth League, ayengumkhulumeli wayo ngo-2011.

UShivambu ubuye wanxexa abantu abadala ukuba bavotele iMKP, wachitha eyokuthi leli qembu ngelohlanga lwamaZulu kuphela. Kuzokhumbuleka ukuthi ukushiya kukaShivambu kwi-EFF kwaholela ekutheni namanye amalungu eqembu ahambe.

Lokhu kwaholela nasekungacacini kwekusasa lelungu le-EFF eliqavile uDkt Mbuyiseni Ndlozi, njengoba uMalema emsola ngokungathembeki. UNdlozi ubengekho engqugqutheleni yokukhetha ubuholi beqembu futhi akakhethwanga ukuba yingxenye yesigungu esithatha izinqumo kulona.

Ngeledlule kwethuke abaningi enkundleni yokuxhumana i-X (Twitter) uNdlozi esusa umbhalo othi uyilungu lephalamende le-EFF.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...