Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Basonga ukwenza iChiefs isilo sengubo abeZesco Utd

Basonga ukwenza iChiefs isilo sengubo abeZesco Utd

by | 31 January 2026

USONGELA iKaizer Chiefs umqeqeshi weZESCO United yaseZambia uMathews Ndhlovu njengoba ethi kukhona okusina kuyijeqeza.


IZESCO izobhekana neChiefs emlenzeni wesibili ka-group D weCaf Confederation Cup kusasa ngeSonto ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.


Emlenzeni wokuqala obungeledlule eZambia iChiefs inqobe ngo-1-0 wegoli likaPule Mmodi.
IZESCO idinga iwini kumnyama kubomvu ngoba uma ike yahlulwa kuyobe sekuphelile ngayo kulo mqhudelwano.
UNdhlovu uthi kukhona okusina kuyijeqeza iChiefs.


“Into esibulele emdlalweni odlule ukuthi sisuke sabahlonipha, sabayeka bazicanasela. Size saphaphama ngesiwombe sesibili, sazama ukubavula kwasho kona ukuthi isikhathi kasisekho.Kulokhu ngeke sibanike inhlonipho, sizolwa nabo umdlalo uqala kuze kube uyophela.Okuhle wukuthi sesiyabazi, sibabonile lapho bebuthaka khona. Sesiwazi kahle amaphutha abo noma kanjani sizosebenza ngawo,” kusho uMathews.
ULindo Mkhonta ukaputeni weZESCO uthi akafuni ukwanda ngengevu bazozikhulumela ensimini.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...