Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Basonga ukwenza iChiefs isilo sengubo abeZesco Utd

Basonga ukwenza iChiefs isilo sengubo abeZesco Utd

by | 31 January 2026

USONGELA iKaizer Chiefs umqeqeshi weZESCO United yaseZambia uMathews Ndhlovu njengoba ethi kukhona okusina kuyijeqeza.


IZESCO izobhekana neChiefs emlenzeni wesibili ka-group D weCaf Confederation Cup kusasa ngeSonto ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.


Emlenzeni wokuqala obungeledlule eZambia iChiefs inqobe ngo-1-0 wegoli likaPule Mmodi.
IZESCO idinga iwini kumnyama kubomvu ngoba uma ike yahlulwa kuyobe sekuphelile ngayo kulo mqhudelwano.
UNdhlovu uthi kukhona okusina kuyijeqeza iChiefs.


“Into esibulele emdlalweni odlule ukuthi sisuke sabahlonipha, sabayeka bazicanasela. Size saphaphama ngesiwombe sesibili, sazama ukubavula kwasho kona ukuthi isikhathi kasisekho.Kulokhu ngeke sibanike inhlonipho, sizolwa nabo umdlalo uqala kuze kube uyophela.Okuhle wukuthi sesiyabazi, sibabonile lapho bebuthaka khona. Sesiwazi kahle amaphutha abo noma kanjani sizosebenza ngawo,” kusho uMathews.
ULindo Mkhonta ukaputeni weZESCO uthi akafuni ukwanda ngengevu bazozikhulumela ensimini.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...