Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bathembisa intuthuko eMtubatuba

Bathembisa intuthuko eMtubatuba

by | 19 June 2026

BAKUYINJABULO yodwa kubantu abakhele uMasipala iNkosi Mtubatuba, noMkhandlu waseMkhanyakude, ngoLwesine, ntambama, ngesikhathi kutheleka ithimba labatshali zimali elihlose ukwakha inxanxathela yezitolo eliingadla u R400 million.

Ithimba losomabhizinisi abazimele, lemukelwe yiMeya yaseNkosi Mtubatuba Local Municipality, uMnu Mxolisi Mthethwa, namakhansela, neNkosi uNtokozo Mkhwanazi. Akuyona yodwa inxanxathela yezitolo ezokwakhiwa eMtubatuba ,njengoba bethembise ukuletha nenthuthuko ka R2,1 billion.

“Ezinhlweni zokuthuthukisa indawo, bazosisiza siphucule ingqalasizinda, ikakhulukazi emalokishini KwaMsane, eRiver View, eNorthdale, eSt Lucia, naseDukuduku. Kuzokwakhiwa amahhotela, amapaki, kuphuculwe amarenki amatekisi, neBelllamont Solar Park,” kusho iMeya uMthethwa.

Intuthuko elethwa eMtubatuba, ayizukugcina ngokusiza abantu bakhona, kodwa kuzovuleka amathuba kubantu baseMkhanyakude wonke. Leya ngxenye yesifundazwe, ingenye yezihlwempu kakhulu njengoba abantu abayakhele beqashwe eziqiwini, emahotela, abanye bayizisebenzi zikahulumeni

Enye inxanxathela yezitolo ivulwe ngenyanga edlule, eMpangeni, yaqanjwa ngeNkosi uMangosuthu Buthelezi. UNdunakulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ubenembizo, KwaMqobokazi, khona eMkhanyakude, ngenyanga edlule,lapho ezwe khona izikhalo zabantu abakhe khona nabahlala khona. Lokhu kubathintile osozimboni nosomabhizinisi, bafaka isandla ekuthuthukiseni isifunda.

menzi.jele@ilananews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...