Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kutholwe abokufika abawu-44 bevalelwe emzini oseParkmore, eGoli

Kutholwe abokufika abawu-44 bevalelwe emzini oseParkmore, eGoli

by | 1 May 2025

AMAPHOYISA aphenya icala lokushushumbisa abantu kulandela ukutholakala kwabantu bokufika abawu-44 emzini oseParkmore, eGoli, namuhla ngoLwesine entathakusa.


Ngokusho komkhulumeli wamaphoyisa eGauteng, uCpt Mavela Masondo, laba bantu bomdabu wase-Ethiopia bekunzima ukuthatha izitatimende kubona njengoba bengakhulumi nolulodwa ulimi lwakuleli.


“Ekuseni ngabo 01:30am onogada abaqapha kule ndawo bebehambahamba, ngesikhathi bezwa umsindo wokuhayiza obuvela kulo muzi, maqede bafonela amaphoyisa, esiteshini saseSandton.


“Ngesikhathi amaphoyisa efika kule ndawo, athole ukuthi kunabantu abavalelwe ngaphakathi. Kube nzima ukukhuluma nabo ngoba bebengakwazi nokukhuluma isiNgisi, ngoyedwa noma ababili abebesibhidilisha. Yibona labo abasitshele ukuthi bangabase-Ethiopia, bathi bebevalelwe kule ndawo ngaphandle kwemvume yabo,” esho.


Uthe bebesathungatha umuntu owazi ulimi lwase-Ethiopia ukuba abahumushele izitatimende zalaba bantu.


“Okwamanje sibathatha njengabantu abakuleli ngokungemthetho.”


Kwenzeka lokhu nje, emasontweni dlule kutholwe abokufika abalelwa ku-50 abebevalelwe emzini othile oseLombardy East, eGoli.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...