Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kutholwe abokufika abawu-44 bevalelwe emzini oseParkmore, eGoli

Kutholwe abokufika abawu-44 bevalelwe emzini oseParkmore, eGoli

by | 1 May 2025

AMAPHOYISA aphenya icala lokushushumbisa abantu kulandela ukutholakala kwabantu bokufika abawu-44 emzini oseParkmore, eGoli, namuhla ngoLwesine entathakusa.


Ngokusho komkhulumeli wamaphoyisa eGauteng, uCpt Mavela Masondo, laba bantu bomdabu wase-Ethiopia bekunzima ukuthatha izitatimende kubona njengoba bengakhulumi nolulodwa ulimi lwakuleli.


“Ekuseni ngabo 01:30am onogada abaqapha kule ndawo bebehambahamba, ngesikhathi bezwa umsindo wokuhayiza obuvela kulo muzi, maqede bafonela amaphoyisa, esiteshini saseSandton.


“Ngesikhathi amaphoyisa efika kule ndawo, athole ukuthi kunabantu abavalelwe ngaphakathi. Kube nzima ukukhuluma nabo ngoba bebengakwazi nokukhuluma isiNgisi, ngoyedwa noma ababili abebesibhidilisha. Yibona labo abasitshele ukuthi bangabase-Ethiopia, bathi bebevalelwe kule ndawo ngaphandle kwemvume yabo,” esho.


Uthe bebesathungatha umuntu owazi ulimi lwase-Ethiopia ukuba abahumushele izitatimende zalaba bantu.


“Okwamanje sibathatha njengabantu abakuleli ngokungemthetho.”


Kwenzeka lokhu nje, emasontweni dlule kutholwe abokufika abalelwa ku-50 abebevalelwe emzini othile oseLombardy East, eGoli.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...