
ISIKHUNGO semfundo ephakeme, iMangosuthu University of Technology (MUT), sihlele isifundo ngempilo nangamagalelo omsunguli waso, iNkosi uMangosuthu Buthelezi (uMntwana waKwaPhindangene).
Lesi sifundo esizokuba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, ngoMgqibelo, sizokwethulwa nguMnu Zwelakhe Mnguni ongumsunguli nomqondisi weBenguela Global Fund Managers.
Ngo-1974, uMntwana waKwaPhindangene wakhuluma nomngani wakhe owayengusozimboni, uMnu Ernest Oppernheimer, emnxusa ukuthi axhase ukuze kwakhiwe isikhungo esizofundisa izifundo zobuChwepheshe nezobuNjiniyela, eMlazi.
UMnu Oppernheimer, wawuthanda umbono kaShenge, wayikhipha imali yokuthi sakhiwe lesi sikhungo. Ngo-1979, sasesiphelile ukwakhiwa, kwaqala ukufundwa khona. UDkt Oscar Dhlomo nguyena owaphakamisa ukuthi lesi sikhungo siqanjwe ngaye uMntwana waKwaPhindangene. Saqala sabizwa ngeMangosuthu Technikon, njengoba sesiguquliwe sabayiMangosuthu University of Technology (MUT).
Yisikhungo lesi esesikhiqize onjiniyela abahlonishwayo emhlabeni. UMphathi we-MUT, uSolwazi Rashiella Songca, uthi minyaka yonke lesi sikhungo sizowakhumbula amagalelo omsunguli waso, ngoba washiya ifa langunaphakade.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







