
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ukuthi akakaze akugunyaze ukuhlakazwa kophiko oluphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, oseludume ngelePKTT.
URamaphosa uveze lokhu encwadini ayithumelele ikomidi lesikhashana lasePhalamende eliphenya izinsolo zoMkhuzi wamaPhoyisa eKZN uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, zokuthi kunabathile abagxambukela ekusebenzeni kwengalo yomthetho.
Umengameli uthi watshelwa nguMKhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uJenene Fannie Masemola, ekuqaleni kukaNhlolanja (February) ngo-2025 ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa osanikwe ikhefu, uMnu Senzo Mchunu, wayalela ukuthi kuhlakazwe iPKTT.
Uthi akumphathanga kahle ukuthi akathintwanga mayelana nokuhlakazwa kwalolu phiko, njengoba kunguye owaphakamisa ukuba lusungulwe. Ugcizelele ukuthi ukuhlakazwa kwalo kwakungekho emandleni kaMchunu eyedwa. Ukuvezile ukuthi naye uMasemola wayengahambisani nokuhlakazwa kwalolu phiko.
Lokhu kuphawula kukaRamaphosa kubonakala kumfaka ngaphansi kwebhasi uMchunu njengoba abanye bebebona sengathi uyavikelwa ngokunikwa ikhefu, kunokuthi axoshwe.
Khonamanjalo isabalala izwe lonke imicimbi ebandakanya abaculi abadumile beGospel, okuhloshwe ngayo “ukukhulekela” uMchunu kulezi “zinselelo” abhekene nazo.







