
BAYIFANISE neculo lansuku zonke inkulumo kaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, abezinhlaka zezokuphepha eMkhanyakude.
NgoMsombuluko uNtuli ubehambele KwaNondabuya, eJozini, eyohlangana nomphakathi nezinhlaka zezokuphepha, ngenhloso yokuba kuboniswane ngamaqhinga angasetshenziswa ukulwa nobugebengu obudla lubi eMkhanyakude namaphethelo.
Indawo yaseMkhanyakude ibhekene nenkinga yokudunwa kwezimoto, okusolakala ukuthi zithathwa kubanikazi maqede ziweliswe umngcele ohlukanisa elakuleli neMozambique, oseManguzi, KwaMhlabuyalingana.
UNtuli uqale ngokuyohlola isimo sokusebenza emahhovisi omngcele ohlukanisa elakuleli nelaseSwazini, eGolela. Uqede lapho wanikela esiteshini samaphoyisa aseNgwavuma, okuyilapho efike wazibonela usizi olu-bhekene nezisebenzi zakhona.
Sekuyisikhathi eside kukhalwa ngenkinga yokungabi bikho kwezinsiza kulesi siteshi. Kukhalwa nangesakhiwo saso esidala. Eminyakeni edlule ILANGA lashicilela udaba, emuva kwalokho abasemagunyeni baletha amahhovisi angomahamba-nendlwana.
Abezinhlaka zezokuphepha abakhulume neLANGA, bathi kabanalo ithemba ngoshintsho okulindeleke ukuthi lube khona emuva kokufika kukandunankulu.
“Sivalelwa ngaphandle, kunikwe osopolitiki ithuba lokukhuluma ngento abangayazi. Yithina esingalali, silwa nobugebengu. Yithi esibulawa yizigebengu. Mina kungizwise ubuhlungu ukuthi undunankulu akanalo nolwazi lokuthi kuqhu bekani ngodonga okuchithwe imali eningi, kuthiwa luyakhiwa eManguzi.
“Esifisa ukukucacisa wukuthi kasisekho isi-dingo sezimbizo, kunalokho kufanele bafike nezixazululo ezinkingeni ezikhona, ngoba lo hulumeni okhona ubunjwe zikhona,” besho.
Undunankulu unxuse izakhamizi ukuba zibambisane namaphoyisa ukuze kuliwe nale nkinga.
“Kufanele kubanjiswane, izigilamkhuba yizihlobo zethu, ngabantu bethu. Uma uzothula nobugebengu ngolunye usuku buzolimaza umuntu osondelene naye,” kusho uNtuli.







