Ilanga News
Home 9 Featured 9 Siphumelele isicelo sosomabhizinisi abebekhala ngabahlomule kwithenda yokuthutha izingane

Siphumelele isicelo sosomabhizinisi abebekhala ngabahlomule kwithenda yokuthutha izingane

by | 22 August 2025

IGCINE iphumelele imizamo kasomatekisi owaziwayo waseThekwini, uMnu Thomas Siyabonga Getsemane, yokuvimba ukukhishwa kwethenda yoMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, yokuthuthwa kwezingane ezikoleni njengoba ‘ayenuka’ inkohlakalo nokwenzelela kokuqokwa kwababezohlomula, njengoba iKwaZulu-Natal Bid Appeal Tribunal, ichithe uhla lwabebezohlomula.

ILANGA labika kabanzi ngalolu daba ngesikhathi uGetsemane, ongumnikazi wenkampani i-Ukuthuthuka KwaMaqadi (PTY) LYD, ebhalele ihhovisi likaNgqongqoshe wezokuThutha, KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, ngasekuqaleni konyaka, echitha uhlu lwamanye amagama ezinkampani zokuthutha eziwu-60, ayephakanyisiwe ekuhlomuleni kulo msebenzi weminyaka eyisihlanu.

Enkulumweni abanayo naleli phephandaba, waveza ukuthi okwenze akhethe ukuluvimba lolu hlelo, wukuthi kwaba nokwenzelela, njengoba athi ezinye zezinkampani ezaziphakanyisiwe, zazingenazo izimvume zokusebenza, futhi zingenazo ezinye zezimfanelo okwakuthiwe ziyafuneka (requirements) ngesikhathi kuvulwa ithuba lokubhaliswa.

Wanqumela lo mnyango ugwayi katiki, efuna umhlinzeke ngobufakazi obuveza ukuthi zonke izinkampani eziphakanyisiwe zikulungele ukwenza lo msebenzi, futhi zinazo zonke izimfanelo.

Umnyango kawukwenzanga lokhu, wabe esedlulisela isikhalo sakhe ohlakeni olubuyekeza izinqumo zokukhishwa kwamathenda, iKwaZulu-Natal Bid Appeals Tribunal, okuyilapho egcine ejoyinwe ngabanikazi bezinkampani abangaphezu kuka-60, abebengagculisekile ngamagama abephakanyisiwe, nokushaywa kwabo ngesithende wumnyango.

Emaphepheni esinqumo salolu hlaka (ILANGA elinawo), kuvela ukuthi ukulalelwa kwezicelo kuqale ngomhla ka-02 kuya kumhla ka-24 kuNhlangulana (June) kulo nyaka.

Kulawa maphepha kuvela uhlangothi lwabammeli bomnyango oluveze ukuthi abanye balaba abafaka izicelo, babengenazo izimfanelo zokuhlomula kule thenda.

Phakathi kwezimfanelo ezibaliwe, wukuthi usomabhizinisi kumele abe nemali engaphezu kuka-R300 000 ebhange elixhumene nenkampani, abe nelayisensi yokuthutha umphakathi egunyazwe yi-KZN Provincial Regulatory Entity, inkampani yakhe ibhaliswe kwiCentral Suplier Database.

Baqhuba bathi laba abaphikisa amagama aphakanyiselwe ukuhlomula kule thenda, bachithwe ngoba kuthiwa abanazo izimfanelo. Omunye wabammeli balabo somabhizinisi ukuchithile lokho, kanti omunye wabo uveze ukuthi amakilayenti akhe amabili, achithwa ngoba kuthiwa kawanayo imali ewu-R300 000 ebhange, ekubeni elokuqala lali no-R305 000, elesibili linemali engaphezu kuka-R2 million.

Lolu hlaka lukhiphe isinqumo sokuchitha isinqumo somnyango, lwaphakamisa ukuthi uhlelo lokuqoka luqalwe phansi. Luyalele uMnyango wezeMali KwaZulu-Natal, ukuba uqinisekise ukuthi lokhu kuyenzeka. Umnyango usamukele lesi sinqumo.

Encwadini ekhishwe yinhloko yoMnyango wezeMali eKZN, uNkk Carol Coetzee, iya kubammeli bakwaCalitz Crockart and Associates, abamele uGetsemane, (ILANGA eliyibonile), kuvela ukuthi semukelwe isinqumo, uhlelo luzoqalwa phansi. Konke okunye okuzolandela okuluthintayo, kuzovezwa kwi-website yomnyango.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...