Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Iphunzile imizamo yokushaywa ngoswazi oluncane kowabulala umyeni oyiphoyisa

Iphunzile imizamo yokushaywa ngoswazi oluncane kowabulala umyeni oyiphoyisa

by | 17 November 2024

THANDOLUHLE NGUBO

IPHUNZILE imizamo yokugcina kaNkk Nongcebo Faith Ntombela (43) (osesithombeni) yokunxenxa inkantolo ukuba imnike isigwebo esehlisiwe emuva kokuba ethule ubufakazi obusha ngesikhathi evele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesine. 

UFaith ubevele kule nkantolo nje, bekulindeleke ukuba iJaji uMahendra Chetty likhiphe isigwebo emuva kokulahlwa  kwakhe ngecala lokubulala umyeni wakhe, uCapt Thomas Zwelakhe Ntombela – owadutshulwa wabulawa esemzini wakhe ngoMay nyakenye – amabili okweba izibhamu zikamufi namabili okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Ubezogwetshwa nje, yingoba uwavumile amacala.

Ummeli kaFaith, uMnu Ashwin Rughbeer, utshele abebesenkantolo ukuthi umyalelo awutholile ekilayentini lakhe uthi umufi wayehlukumeza. “Njengoba (umufi) ebehola imali enkulu kunalo, ubebuye angalibandakanyi kwezinye zezinqumo ezithinta imali. Ukuhlukumezeka kuqhubekile kangangokuba ziningi izikhawu lapho elizame khona ukuzibulala ngenxa yakho,” esho. 

URughbeer utshele inkantolo ukuthi isigameko sokuzama ukuzibulala esibalulwe nguFaith esitatimendeni sakhe sokuvuma icala, kwakungesona esokuqala. Emizameni yokukhalela ikilayenti lakhe ukuba inkantolo ilishaye ngoswazi oluncane, uveze ezinye izizathu – okubalwa kuzo nokunakekelwa kwezingane zakhe. 

Uthe ukuvuma icala kwekilayenti lakhe kwakuyindlela yokuzisola nokuveza ukuthi nakuba lingakagwetshwa, kodwa emqondweni walo kufana nokuthi selisejele. Phambilini uRughbeer wacela inkantolo ukuba inike uFaith isigwebo esiphakathi kweminyaka ewu-15 newu-20. Umshushisi , uMnu Krishan Shah, utshele inkantolo ukuthi ubona sengathi uFaith usebambelela ngezidindi ngoba ngesi-khathi evuma icala akazibalulanga lezi zizathu. 

Unxuse inkantolo ukuthi uma isimgweba, ikhiphe isigwebo esifanele futhi esihambisana nalesi esishicilelwe kuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika. Ijaji libuchithile ubufakazi bokuhlukumezeka obethulwe nguRughbeer. Lithe likholwa wukuthi kwakumele bubalulwe esitatimendeni sokuvuma icala.

Icala lihlehlele umhla ka- 29 kwephezulu, lapho okulindeleke ukuba kuphume khona isigwebo. 

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...