Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Iphunzile imizamo yokushaywa ngoswazi oluncane kowabulala umyeni oyiphoyisa

Iphunzile imizamo yokushaywa ngoswazi oluncane kowabulala umyeni oyiphoyisa

by | 17 November 2024

THANDOLUHLE NGUBO

IPHUNZILE imizamo yokugcina kaNkk Nongcebo Faith Ntombela (43) (osesithombeni) yokunxenxa inkantolo ukuba imnike isigwebo esehlisiwe emuva kokuba ethule ubufakazi obusha ngesikhathi evele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesine. 

UFaith ubevele kule nkantolo nje, bekulindeleke ukuba iJaji uMahendra Chetty likhiphe isigwebo emuva kokulahlwa  kwakhe ngecala lokubulala umyeni wakhe, uCapt Thomas Zwelakhe Ntombela – owadutshulwa wabulawa esemzini wakhe ngoMay nyakenye – amabili okweba izibhamu zikamufi namabili okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Ubezogwetshwa nje, yingoba uwavumile amacala.

Ummeli kaFaith, uMnu Ashwin Rughbeer, utshele abebesenkantolo ukuthi umyalelo awutholile ekilayentini lakhe uthi umufi wayehlukumeza. “Njengoba (umufi) ebehola imali enkulu kunalo, ubebuye angalibandakanyi kwezinye zezinqumo ezithinta imali. Ukuhlukumezeka kuqhubekile kangangokuba ziningi izikhawu lapho elizame khona ukuzibulala ngenxa yakho,” esho. 

URughbeer utshele inkantolo ukuthi isigameko sokuzama ukuzibulala esibalulwe nguFaith esitatimendeni sakhe sokuvuma icala, kwakungesona esokuqala. Emizameni yokukhalela ikilayenti lakhe ukuba inkantolo ilishaye ngoswazi oluncane, uveze ezinye izizathu – okubalwa kuzo nokunakekelwa kwezingane zakhe. 

Uthe ukuvuma icala kwekilayenti lakhe kwakuyindlela yokuzisola nokuveza ukuthi nakuba lingakagwetshwa, kodwa emqondweni walo kufana nokuthi selisejele. Phambilini uRughbeer wacela inkantolo ukuba inike uFaith isigwebo esiphakathi kweminyaka ewu-15 newu-20. Umshushisi , uMnu Krishan Shah, utshele inkantolo ukuthi ubona sengathi uFaith usebambelela ngezidindi ngoba ngesi-khathi evuma icala akazibalulanga lezi zizathu. 

Unxuse inkantolo ukuthi uma isimgweba, ikhiphe isigwebo esifanele futhi esihambisana nalesi esishicilelwe kuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika. Ijaji libuchithile ubufakazi bokuhlukumezeka obethulwe nguRughbeer. Lithe likholwa wukuthi kwakumele bubalulwe esitatimendeni sokuvuma icala.

Icala lihlehlele umhla ka- 29 kwephezulu, lapho okulindeleke ukuba kuphume khona isigwebo. 

Ezisematheni

Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

KUQHAKANJISWE amagalelo kowagqama ngokusabalalisa inyunyana yothisha nakwezinye izifundazwe ngenxa yokwazi kwakhe ukukhuluma zonke izilimi zakuleli, ngesikhathi engcwatshwa ngoMgqibelo. UMnu Velaphi Ndlovu owayayisekela lowayenguMengameli weNational Teachers Union...

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

IZINYUNYANA zothisha nekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, zihlabe isenzo salo mnyango sokubuyisela ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali engaphezu kuka-R600 million, engasebenzanga kunyakamali odlule. Lokhu kuvele embikweni...

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle. Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo...