Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bathi luthela izithelo uhlelo lokulwa namatele

Bathi luthela izithelo uhlelo lokulwa namatele

by | 17 April 2026

UMNYANGO wezoLimo kuZwelonke uthi luqhubeka kahle uhlelo lokujova izinkomo ukuthi zingabi nesifo samatele (foot and mouth disease). Umnyango uthi ziwu-2 million izinkomo esezijoviwe selokhu lolu hlelo lwaqala KwaZulu-Natal, ngenyanga kaNhlolanja (February) kulo nyaka.

UNkz Joylen van Wyk, okhulumela lo mnyango kuzwelonke, uthi abafuyi bezinkomo zobisi nezenyama yibona abebehlalele ovalweni, ngoba uhwebo lwabo beluthikamezeka ngenxa yalesi sifo.

Isifo samatele kuthiwa simandla kakhulu ezindaweni eziseduze neziqiwu, KwaZulu-Natal, eMpumalanga, naseFree State.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...