Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bathi luthela izithelo uhlelo lokulwa namatele

Bathi luthela izithelo uhlelo lokulwa namatele

by | 17 April 2026

UMNYANGO wezoLimo kuZwelonke uthi luqhubeka kahle uhlelo lokujova izinkomo ukuthi zingabi nesifo samatele (foot and mouth disease). Umnyango uthi ziwu-2 million izinkomo esezijoviwe selokhu lolu hlelo lwaqala KwaZulu-Natal, ngenyanga kaNhlolanja (February) kulo nyaka.

UNkz Joylen van Wyk, okhulumela lo mnyango kuzwelonke, uthi abafuyi bezinkomo zobisi nezenyama yibona abebehlalele ovalweni, ngoba uhwebo lwabo beluthikamezeka ngenxa yalesi sifo.

Isifo samatele kuthiwa simandla kakhulu ezindaweni eziseduze neziqiwu, KwaZulu-Natal, eMpumalanga, naseFree State.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...