Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kushaqwe inqwaba yomakhalekhukhwini ejele iKgosi Mampuru

Kushaqwe inqwaba yomakhalekhukhwini ejele iKgosi Mampuru

by | 9 July 2025


UMLISA osolwa ngobugebengu, oyanyaniswe nongqongqoshe wamaphoyisa nguLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, uMnu Vusumuzi “Cat” Matlala kuthiwa ungomunye weziboshwa ezitholwe nomakhalekhukhwini ejele iKgosi Mampuru ePitoli.


NgoLwesibili ebusuku, uKhomishana wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uMnu Makgothi Thobakgale, uhole ithimba lezomthetho, bagasela kungazelele kuleli jele, ngenhloso yokususwa izinto ezingavunyelwe ezisetshenziswa yiziboshwa. Kutholakale omakhalekhukhwini abangaphezulu kweshumi nezidakamizwa okubalwa kuzona iCrystal Meth nensangu.


Igama likaMatlala libesematheni ngeSonto ngemuva kwenkulumo kaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, lapho esole khona lo somabhizinisi, osolwa ngobugebengu, ngokuba nobudlelwano noMnu Senzo Mchunu onguNgqongqoshe wamaPhoyisa, nezinye izikhulu.


Ngokusho kukaMnu Singabakho Nxumalo, okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uphenyo luveza ukuthi iziboshwa seziqhamuke nezindlela ezinobuhlakani zokufihla izinto emagunjini azo.


“Okukhathazayo wukuthi le ikhuba iginywa emini, okushiya mibuzo ngokugadwa nokuqashelwa kwazo yizikhulu zasemajele. Ukhomishana uThobakgale useyalele izikhulu zaleli jele ukuthi zimhlanganisele mbuko ngokuthi lezi zinto bezenzeka kanjani ejele, bekhona,” kusho uNxumalo.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...