Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kushaqwe inqwaba yomakhalekhukhwini ejele iKgosi Mampuru

Kushaqwe inqwaba yomakhalekhukhwini ejele iKgosi Mampuru

by | 9 July 2025


UMLISA osolwa ngobugebengu, oyanyaniswe nongqongqoshe wamaphoyisa nguLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, uMnu Vusumuzi “Cat” Matlala kuthiwa ungomunye weziboshwa ezitholwe nomakhalekhukhwini ejele iKgosi Mampuru ePitoli.


NgoLwesibili ebusuku, uKhomishana wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uMnu Makgothi Thobakgale, uhole ithimba lezomthetho, bagasela kungazelele kuleli jele, ngenhloso yokususwa izinto ezingavunyelwe ezisetshenziswa yiziboshwa. Kutholakale omakhalekhukhwini abangaphezulu kweshumi nezidakamizwa okubalwa kuzona iCrystal Meth nensangu.


Igama likaMatlala libesematheni ngeSonto ngemuva kwenkulumo kaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, lapho esole khona lo somabhizinisi, osolwa ngobugebengu, ngokuba nobudlelwano noMnu Senzo Mchunu onguNgqongqoshe wamaPhoyisa, nezinye izikhulu.


Ngokusho kukaMnu Singabakho Nxumalo, okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uphenyo luveza ukuthi iziboshwa seziqhamuke nezindlela ezinobuhlakani zokufihla izinto emagunjini azo.


“Okukhathazayo wukuthi le ikhuba iginywa emini, okushiya mibuzo ngokugadwa nokuqashelwa kwazo yizikhulu zasemajele. Ukhomishana uThobakgale useyalele izikhulu zaleli jele ukuthi zimhlanganisele mbuko ngokuthi lezi zinto bezenzeka kanjani ejele, bekhona,” kusho uNxumalo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...