Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezimnandi ngentengo kaphethiloli kuqala u-2026

Ezimnandi ngentengo kaphethiloli kuqala u-2026

by | 2 January 2026

ABASHAYELI baseNingizimu Afrika bazowuqala ngezindaba ezimnandi unyaka ka-2026 kulandela isimemezelo sokwehla kukaphethiloli nodizili.

Inhlangano ebhekelele ezamandla kuleli iCentral Energy Fund (CEF) yenza izinguquko entengweni kaphethiloli nyanga zonke, eziqala ukusebenza ngoLwesithathu lokuqala lwaleyo nyanga.

Ngokwezibalo zakamuva zeCEF kulindeleke ukuthi uphethiloli wehle ngokuphakathi kuka-46 cents no-54 cents elitheni. Ezimtoti kakhulu ngezentengo kadizili njengoba kubhekwe ukuba yehle ngokuphakathi kuka-R1.26 no-R1.38 elitheni. Kubhekwe ukuba ukwehla kwentengo kadizili nekaphethiloli kwenze ngcono intengo yezimpahla nezindleko zokuphila zonkana.

Ongoti bathi ukwehla kwentengo kawoyela ongahluziwe ezimakethe zomhlaba nokuqina kwerandi lakuleli uma liqhathaniswa nezimali zakwamanye amazwe yizona zinto ezibe nomthelela omkhulu kulokhu.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...