Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bathweswe nelokuzama ukubulala ‘ababhemise’ ingane izidakamizwa

Bathweswe nelokuzama ukubulala ‘ababhemise’ ingane izidakamizwa

by | 31 July 2025

LIHLEHLISELWE uMsombuluko icala elibhekene nonina wengane eneminyaka emine yaseNewclare, eGoli, ebonakale kwi-video ibenyiswa isidakamizwa iMandrax. 

Unina wale ngane nababili asolwa nabo bavelile ngoLwesine eNkantolo yesiFunda yaseGoli, bathweswa amacala okuhlukumeza nokuzama ukubulala. Kuvele ukuthi sekwengezwe nomunye umsolwa wesine. 

Isuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana i-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa le ngane ilayithela unina izidakamizwa, bese eyiyalela ukuba ibheme nayo. 

Ingane ihanjiswe esibhedlela ukuyohlolwa, yase iyobekwa endaweni ephephile.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...