
IZITHOMBE: NGUPHUMLANI GAMA
USEKELA-Sihlalo we-IFP kuzwelonke, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, uthi akanalo uvalo ngedumela le-MK Party eholwa nguMnu Jacob Zuma owayengumengameli wakuleli.
UNkk Mthethwa ubekhuluma nabezindaba ngemuva komhlangano waleli qembu obuseMsiyane, eJozini, ngoMgqibelo. Lo mhlangano bekungowokukhuthaza nokugqugquzela amavolontiya aleli qembu ukuba aqhubeke nomsebenzi wawo wokulikhulisa ngokunxenxa izakhamizi zakuleli ukuba zilethembe.
Lo mholi, obehambisana nabanye ozakwabo abe bevela komasipala abehlukene ngaphansi kwesiFunda uMkhanyakude, uthe lona ngumhlangano wokuqala wokulungiselela ukubamba iqhaza okhethweni lohulumeni basekhaya oluzokuba ngonyaka ozayo (2026).
UNkk Mthethwa uphawule ngamahlebezi okuthi kunamalungu aleli qembu avotela iMK Party okwethweni lwangonyaka odlule ngoba efuna kushenxe uMnu Cyril Ramaphosa esihlalweni sokuba ngumengameli wezwe.
“Impela bayakhuluma abantu ngeMK Party kodwa ngiyafisa nje ukuba ngikusho kucace ukuthi thina siyi-IFP kasinalo ngisho noluncane uvalo ngaleli qembu. I-IFP ikhulile ezindaweni eziningi, ngisho nakwezinye izifundazwe. Ukukhula kwayo kuyizithelo zokuba nongqongqoshe kuzwelonke,” esho.
Uqhube wathi bazolikhalima iphutha elenziwa ngamakhansela abo ngesikhathi i-ANC ihlwitha uMasipala wesiFunda uMkhanyakude.
“Iqiniso kufanele silikhulume ukuze abantu bazoqhubeka nokusethemba. I-IFP ibaphethe bonke omasipala baseMkhanyakude, kodwa izakhamizi zinombuzo ongaphenduleki wokuthi kungani singawuphethe uMkhanyakude.
“Impendulo isobala – kwaba ‘wubudedengu’ obenziwa yingxenye yamakhansela ethu, aphumela ngaphandle maqede kwavalwa umnyango, kwase kuthiwa sekuyavotwa, wahamba kanjalo-ke umkhandlu,” kusho uMthethwa.
Usihlalo weNKatha eMkhanyakude, uMnu Naye Mathe, uthe lesi yisikhathi sokuba baqale ukuzilungiselela.
“Okukhulu kakhulu wukuzokhumbuzana ngokubaluleka kokuqonda kabanzi ngevoti. Abantu kumele bafundiswe ngokuthi akufanele balawulwe yindlala yesikhashana, bese bethengisa ngamavoti abo. Ukuze sinqobe ukhetho, kufanele sisebenze ngokuzikhandla,” kusho uMathe.

YINGXENYE yamavolontiya e-IFP abeyingxenye yomhlangano obe ubanjelwe eMsiyane, eJozini.








