Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Bavaleke imilomo abebethi ngeke ambone noChris Brown

Bavaleke imilomo abebethi ngeke ambone noChris Brown

by | 16 December 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

AMATHE abuyele kwasifuba kwabaningi ngesikhathi intokazi esencane yaseThekwini, uNaledi Aphiwe, kuvela ukuthi ihlanganile nomculi waphesheya kwezilwandle uChris Brown, obenekhonsathi yezinsuku ezimbili eGoli kule mpelasonto.

UNaledi kusabalele i-video yakhe ecula ingoma ethi “Ubaba Ulala Nami”, negcine kunolayini ocashunwe nguChris Brown, wawusebenzisa engomeni yakhe, wabe esemkhokhela ngalokho.

Ngemuva kokusabalala kwezindaba zokuthi lo mculi uza kuleli, kukhona abebebhinqa le ntombazane ebeyenza umatikuletsheni kulo nyaka, bethi ngeke imbone nangamehlo njengoba ithi icula naye. Ngosuku lokuqala lwekhonsathi (ngoMgqibelo) ebisenkundleni yezemidlalo iFNB, eGoli, uNaledi akabonakalanga nangokhalo, okuyilapho abaningi beqale khona ukumgcona.

Baveleke imilomo izolo ngeSonto ebusuku ngesikhathi kusabalala izithombe nama-video kaNaledi ehlangana nalesi sihlabani saseMelika. UNaledi uthe uzolala engagezile ngoba ethintwe yilo mculi.

UChris ushayelwe ihlombe ngale khonsathi esezingeni lomhlaba njengoba enandise ngezingoba ezingaphezuku kuka-50. Esevala ikhonsathi, ucule ingoma ethandwa ngabaningi ethi “Forever”, watshela abebehambele leli khonsathi ukuthi kudala ayelulindele usuku olunjengalezi azichithe enandisa eNingizimu Afrika.

Lo mculi ugcwalise phama le nkundla emumatha abantu abangaphezulu kuka-90 000.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...