Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Bavaleke imilomo abebethi ngeke ambone noChris Brown

Bavaleke imilomo abebethi ngeke ambone noChris Brown

by | 16 December 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

AMATHE abuyele kwasifuba kwabaningi ngesikhathi intokazi esencane yaseThekwini, uNaledi Aphiwe, kuvela ukuthi ihlanganile nomculi waphesheya kwezilwandle uChris Brown, obenekhonsathi yezinsuku ezimbili eGoli kule mpelasonto.

UNaledi kusabalele i-video yakhe ecula ingoma ethi “Ubaba Ulala Nami”, negcine kunolayini ocashunwe nguChris Brown, wawusebenzisa engomeni yakhe, wabe esemkhokhela ngalokho.

Ngemuva kokusabalala kwezindaba zokuthi lo mculi uza kuleli, kukhona abebebhinqa le ntombazane ebeyenza umatikuletsheni kulo nyaka, bethi ngeke imbone nangamehlo njengoba ithi icula naye. Ngosuku lokuqala lwekhonsathi (ngoMgqibelo) ebisenkundleni yezemidlalo iFNB, eGoli, uNaledi akabonakalanga nangokhalo, okuyilapho abaningi beqale khona ukumgcona.

Baveleke imilomo izolo ngeSonto ebusuku ngesikhathi kusabalala izithombe nama-video kaNaledi ehlangana nalesi sihlabani saseMelika. UNaledi uthe uzolala engagezile ngoba ethintwe yilo mculi.

UChris ushayelwe ihlombe ngale khonsathi esezingeni lomhlaba njengoba enandise ngezingoba ezingaphezuku kuka-50. Esevala ikhonsathi, ucule ingoma ethandwa ngabaningi ethi “Forever”, watshela abebehambele leli khonsathi ukuthi kudala ayelulindele usuku olunjengalezi azichithe enandisa eNingizimu Afrika.

Lo mculi ugcwalise phama le nkundla emumatha abantu abangaphezulu kuka-90 000.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...