
Kuvela ukuthi ugonyulukile kowesilisa amjwayele abeyoqasha kuyena imoto eManzimtoti osolwa ngokuba kungqondongqondo ekubulaweni kwesitshudeni saseWits u-Olorato Mongale (30) .
Umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ekhuluma nabezindaba endaweni yesigameko uveze ukuthi amaphoyisa asebenze ubusuku bonke elandela umkhondo kamsolwa.
Uveze ukuthi ngesikhathi kutholakala imoto ebisetshenziswa ngumsolwa enza icala, amaphoyisa anikele kubo KwaMashu okulapho uyise ekuqinisekisile ukuthi indodana yakhe ebihamba ngemoto yohlobo lweVW Polo.
Uveze ukuthi abazali bakhe umsolwa babe sebetshela amaphoyisa ukuthi ukuphi nendawo.
Uveze ukuthi amaphoyisa athe uma efika eNanda lapho ebecashe khona umsolwa, athola ngabebekhona ukuthi unina umushayele ucingo emtshela ukuthi amaphoyisa ayeza.
Uthi umsolwa ube esebaleka kulendawo.
UMkhwanazi uthi amaphoyisa aqhubekile nokulandela umkhondo womsolwa oze wawaholela kwelinye lama-flats eManzimtoti lapho kuvela ukuthi ubeyoqasha imoto.

Uthi ngesikhati efika kulo muntu abeyoqasha kuyena imoto, lona wesilisa abeyoqasha kuyena imoto umbuzile ukuthi kungani efunwa amaphoyisa ngoba ebone isithombe sakhe kwabezindaba.
Uthi kungaleso sikhathi egonyuluke konke kuyena ngakwenzile eGoli washo nokuthi ucabanga nokuzibulala.
UMkhwanzi uthi lona wesilisa uhlale nomsolwa usuku lonke ezama ukumubonisa ukuthi azihambise emaphoyiseni.
Uveze ukuthi kuthe uma amaphoyisa engena kule ndlu abekuyona, umsolwa wakhipha isibhamu kwabe sekudutshulwana washona.
UMkhwanazi uphinde waveza ukuthi ngokokwazi abanalo ukuthi amaphoyisa aseGoli abathathile abazali bamsolwa eyobaphosa imibuzo kodwa abakutholile wukuthi abuye abadedela.
Uveze ukuthi okwamanje alikho icala elisabekwe unina kamsolwa okusolwa ukuthi umushayele ucingo wamutshela ukuthi amaphoyisa ayenza.
UMkhwanazi uphinde waveza ukuthi umsolwa kunamanye amacala okuthumba abebhekene nawe. Uthi kutholakale omazisi abahlukene kuyena umsolwa lanye nomakhalekhukhwini abahlukene







