Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuboshwe abasolwa 5 ngokuvimba ukusebenza

Kuboshwe abasolwa 5 ngokuvimba ukusebenza

by | 5 December 2024

ABASOLWA ababanjwe besabisa izisebenzi endaweni yokwakha

LUCKY CAIN

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal abophe abasolwa abahlanu ngamacala ahlukene okubalwa awokusabisa nokuvimbezela ukusebenza kwenkontileka eMzinto ngoLwesithathu.

Ngokusho kwesitatimende ngesikhathi amaphoyisa ezungeza endaweni athole umbiko ngalesi sigameko abe esenikela khona.

Kubikwa ukuthi ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko afice abalisa abahlanu bevimbezele izisebenzi bezisabisa eziphoqa ukuthi zimise ukusebenza.

Amaphoyisa abe esebabopha laba basolwa athweswa amacala okusabisa nokuvimba ukusebenza kwenkontileka.

Kubikwa ukuthi laba basolwa bebengaqali ukugasela kule ndawo yokusebenza njengoba nangaphambilini bafika basabisa izisebenzi bazitshela ukuthi akumele umsebenzi uqhubeke kuze kube kubanjwa umhlangano.

Lapha osonkontileka basebenza ukulungisa ibhilidi lokuthuthukisa umphakathi.

Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka30 no-52 kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseVulamehlo eDududu ngoLwesihlanu mhla ka-6 kwephezulu.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...