Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuboshwe abasolwa 5 ngokuvimba ukusebenza

Kuboshwe abasolwa 5 ngokuvimba ukusebenza

by | 5 December 2024

ABASOLWA ababanjwe besabisa izisebenzi endaweni yokwakha

LUCKY CAIN

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal abophe abasolwa abahlanu ngamacala ahlukene okubalwa awokusabisa nokuvimbezela ukusebenza kwenkontileka eMzinto ngoLwesithathu.

Ngokusho kwesitatimende ngesikhathi amaphoyisa ezungeza endaweni athole umbiko ngalesi sigameko abe esenikela khona.

Kubikwa ukuthi ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko afice abalisa abahlanu bevimbezele izisebenzi bezisabisa eziphoqa ukuthi zimise ukusebenza.

Amaphoyisa abe esebabopha laba basolwa athweswa amacala okusabisa nokuvimba ukusebenza kwenkontileka.

Kubikwa ukuthi laba basolwa bebengaqali ukugasela kule ndawo yokusebenza njengoba nangaphambilini bafika basabisa izisebenzi bazitshela ukuthi akumele umsebenzi uqhubeke kuze kube kubanjwa umhlangano.

Lapha osonkontileka basebenza ukulungisa ibhilidi lokuthuthukisa umphakathi.

Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka30 no-52 kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseVulamehlo eDududu ngoLwesihlanu mhla ka-6 kwephezulu.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...