Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Bavundulula amakhono entsheni ukuphucula iNanda

Bavundulula amakhono entsheni ukuphucula iNanda

by | 5 June 2025

BALWA nokuhlanza igama nesithunzi selokishi laseNanda abeMshiza Events ehlela imicimbi eyehlukahlukene yentokozo kuleliya lokishi. UThobani ‘Teddy’ Nzuza noGugu Nzuza baseDube Village eNanda bayizelamani ezingabanikazi bale nkampani bechaza ngalo mcimbi bathi: “Ziningi izinto esezenzeke eNanda kangangokuba uma uchaza ukuthi uhlala kuleli lokishi abantu bakubuka ngenye indlela, babuze nokuthi uhlala kanjani kulona. Ziningi izigebengu ezikhona kodwa nathi sikhona njengentsha ezimisele, yilabo abambalwa nje abenze sathelwa ngamachaphazela nathi,” kuchaza uThobani.

Lezi zelamani zithi zihlela ukwenza umcimbi ozothuthukisa amaciko asakhula abasemkhakheni wezikaqedisizungu. Phakathi kwasebeqinisekisiwe ukuthi bazoba khona kubalwa uSibusisiwe Jili owayelingisa kwiSibaya, kwiThe Queen kanti manje usegxile emculweni, uNompilo Maphumulo oke walingisa kuZalo, kwiGenerations the Legacy nakwezinye izindawo, bese kuba abaculi uScotts Maphuma noLeem Crazy abazobe bengamajaji.

“Iningi intsha ehleli emakhaya namathalente engaphiliswa yiwona njengoba nemisebenzi ishoda. Esikwenzile wukuthatha imali ewu-R50 000 kwinkampani yethu ehlela imicimbi, sizoyicaza kwabazowina abawu-5 emikhakheni eyahlukene. Kungaba oculayo, ohaya inkondlo noma olingisayo. Kubantu esibamemile yibona abazobasiza ukucathula emikhakheni abafisa ukungena kuyona,” kuchaza uThobani.

Umcimbi uzokwenzelwa enkundleni yezemidlalo iNgqayizivele, uthi nezokuphepha nazo zilungisiwe. Ucele osomabhizinisi abangafisa ukufaka isandla ukuba basondele neno. “Okwamanje sinoMnu Makhosonke Phungula we-Under The Moon ozinikele ukufaka uxhaso. Izandla sizivulile nakwezinye izinhlaka ezifisa ukufaka uxhaso ngisho kungabe olwaluphi uhlobo nakuhulumeni, inqobo uma sonke sinombono wokusiza intsha,” esho. Uthi noma ngubani angabhalisa ukuze afakwe ohlwini ngokuthumela umyalezo kuWhatsapp enambeni ethi 072 340 8159.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...