Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uzibona njengomnqobi okhishwe kabuhlungu kwiBig Brother

Uzibona njengomnqobi okhishwe kabuhlungu kwiBig Brother

by | 19 February 2025

INTOKAZI ekhishwe ngendlela ehlukile endlini kaBig Brother u-Ashely Ogle uveze ukuthi ubesethubeni lokuwuthola umklomelo kaR2 million obhekwe yilaba abaqokiwe ukuhlala kule ndlu.

Kudumale izinkumbi zabantu ngeledlule ngesikhathi le ntokazi edabuka eThekwini ikhishwa kule ndlu ngaphandle kokuthi ize ivotelwe.

UBig Brother wenze izinto ngendlela ehlukile ngeledlule ngesikhathi enquma ukuthi kube yilabo abangaphakathi kule ndlu okumele bavotele ozokhishwa.

Ngemuva kokuba bonke abakule ndlu bevotile kwagcina kusala uNsuku no-Ashley ngamavoti alinganayo kulabo obekumele bakhishwe.

Lokhu kugcina kuphoqa obeyihloko yendlu uSwiss odabuka eMgungundlovu anikezwe amandla okuthatha isinqumo esiwujuqu ukuthi ukhipha bani phakathi kwalezi zintokazi.

USwiss ugcine enquma kuphume u-Ashley nokuyisinqumo esingehlanga kahle kubalandeli bakhe noSweet Guluva abese beyizithandani ezingahlukani kule ndlu.

Kuleli sonto u-Ashley uphumele obala ngokuphuma kwakhe lapho eveze khona ukuthi abemaningi amathuba okuthi awuthole lo R2million.

“Ngesikhathi ngingaphakathi bengingazi ukuthi senginomndeni ongaka ngaphandle. Kimina angitholanga abalandeli kodwa ngithole umndeni nokuwuwona owenze ngabona ukuthi nakanjani bengizohlomula ukuba angiphumanga ngendlela engikhishwe ngayo,” kusho le ntokazi.

Izwakalise ukubonga okukhulu kubona bonke abayesekile ngesikhathi ngaphakathi kule ndlu yabe isiveza ukuthi kuningi okusezinhlelweni zayo njengoba isiphumile.

“Ngizithatha njengomnqobi ngenxa yothando lwabantu esengiluzwile kusukela ngiphumile. Engingakusho wukuthi kuseyisiqalo njengoba kukuningi okusezinhlelweni zami okuthinta ukulingisa, ukungena kwezemfashini, ukubhala nokunye okuthinta umabonakude,” kusho yena.

Uphinde wakucacisa ukuthi ngokwakhe usazimisele ukuqhubeka nothando lwakhe noSweet Guluva uma naye esephumile kule ndlu.

Uveze ukuthi unethemba lokuthi uGuluva uzonqoba njengoba eveze ukuthi usezokweseka yena kuze kube ufinyelela kowamanqamu.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...