Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Baxoshe ummeli abashadile abangabasolwa kwelokufa kukanina wengane yomyeni

Baxoshe ummeli abashadile abangabasolwa kwelokufa kukanina wengane yomyeni

by | 31 August 2025

“BAXOSHE” ummeli ngosuku obelubekelwe ukuba kuqale icala abashadile bakwaMchunu, abayanyaniswa necala lokubulala unina wengane yendoda, owatholakala edutshulwe wabulawa kwelinye lamahlathi aseMgungundlovu ngo-2017.

Lokhu kuvele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu lapho bekumele kuqale khona ukuqulwa kwecala elibhekene noMnu Thokozani “Sgci” Mchunu, nenkosikazi yakhe uNkk Nomusa Mchunu, abagcinwe ngaphakathi, ngoLwesibili. Laba basolwa ngokubulala unina wengane kaMchunu, uNkz Noluthando Khomo, nelokuzama ukubulala indodana kamufi ayizala nomsolwa eyayinezinyanga eziwu-6, eyadubuleka engalweni ngesikhathi kubulawa unina.

Icala libe seliguqela umhla ka-12 kuMandulo (September) nonyaka, ukuze kwethulwe ummeli omu-sha wabasolwa enkantolo. Ekhuluma naleli phephandaba uNkz Nonku Khomo, ongunina kamufi, uthi akulindele wukuthola ubulungiswa kuleli cala.

“Uma ngibuka, sekungaba yinto yangonyaka ozayo ukuqulwa kwalo, kodwa ngizobekezela ngilinde kuze kube ubulungiswa ngengane yami ngiyabuthola,” esho.

Umufi owayengumfundi waseDurban University of Technology, wathathwa kubo nengane yakhe ngabasolwa ababili ababegqoke umfaniswano wamaphoyisa, babika ukuthi bamfunela icala lenkohlakalo esiteshini samaphoyisa aseBoston. Ngokusho kukanina, umufi wakwazi ukumthumelela umlayezo kuWhatsApp, embikela ukuthi abamthathile abawona amaphoyisa, futhi indlela ababehamba ngayo yayingayi esiteshini samaphoyisa.

Kubikwa ukuthi umufi wabonwa ngamanye amalungu omphakathi esebulewe, abasolwa belungiselela ukumgqiba ehlathini, ahlaba umkhosi. Oyedwa wabasolwa wakwazi ukubaleka omunye wabanjwa ngamalungu omphakathi, “ambeka izandla” waphuthunyiswa esibhedlela. Kubikwa ukuthi lo msolwa wadutshulwa wabulawa esahamba icala.

Uphenyo lwabe seluholela ekuboshweni kukaSimiso Jarome Liphenyana, owabaleka ngesikhathi bethelekelwa amalungu omphakathi, owalivuma icala lokuthumba umufi nendodana yakhe wabe esegwetshwa iminyaka ewu-8. Ebufakazini bakhe wakhomba laba abashadile njengabakhipha umyalelo wokuba bathumbe umufi nengane yakhe, bese bebulawa. Kuvela ukuthi uLiphenyana usengomunye wofakazi bombuso kuleli cala.

Ezisematheni

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

UZOFIHLWA ngoMgqibelo, eBloemfontein, owaba ngomunye wabasunguli beCongress of the People (COPE), uMnu Mosioua "Terror" Lekota. ULekota, ushonele esibhedlela esiseGoli ngesonto eledlule, ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza. Uke waba nguNgqongqoshe wezokuVikela...

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

NGUJERRY Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi. UZOVULELEKA kubafundi nasemalungwini omphakathi umdlalo weshashalazi okhuluma ngeSilo uCetshwayo, obizwa ngeKing Cetshwayo The Musical, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini,...