
UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca.
Isitatimende somndeni wakwaMahlaba, sinxuse ukuba unikezwe isikhathi sokubhekana ngasese nalesi simo esiwehlele ungalindele. Sichaze uDkt Mahlaba njengendoda ebizinikele emndenini nasemsebenzini wayo wokuba ngudokotela nokusebenzela abantu baKwaZulu-Natal.
Siqhubeka sithi nakuba umphakathi ubumazi njengomholi obesebenzela isizwe, kodwa umndeni ubuwazi umkhwenyana, ubaba, indodana, ubhuti nomngani. Ukudlula kwakhe, bathi kushiya igebe elingasophinde livaleke.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Robert Netshiunda, ukuchithile ukuthi umshayeli wemoto eshayise uDkt Mahlaba ubalekile endaweni yesigameko. Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.
Khonamanjalo alokhu engene njalo amazwi enduduzo kusukela kuvele lezi zindaba. Izolo ngeSonto amalungu esigungu esihlanganisiwe se-ANC, ahambele kubo kaDkt Mahlaba eNquthu. I-ANC iveze ukuthi igqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula kukaDkt Mahlaba obengumholi ozibophezele ukuthuthukisa abantu esifundazweni.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, naye uthe uMahlaba uyisebenzele kahle iKwaZulu-Natal, ephethe izikhundla ezahlukene. Uthe egameni likahulumeni, udlulisa amazwi enduduzo njengoba ezokhunjulwa ngokuzibophezela ekuthuthukiseni impilo yabantu eKZN.
Amanye amaqembu ezepolitiki okuyi-DA, i-ActionSA ne-IFP, nawo adlulise amazwi enduduzo ngokudlula kwalo mholi. I-IFP imchaze njengomholi obezithobile, futhi ehlale ekulungele ukuxhumana nomphakathi. Nayo ibe isidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubo bonke abasondelene naye.
Ngakolunye uhlangothi, uMnu Zwakele Mncwango we-ActionSA, unxuse amaphoyisa ukusiphenyisisa lesi sigameko, njengoba
umndeni wakwaMahlaba nabantu baKwaZulu-Natal, befuna impendulo ngendlela adlule ngayo emhlabeni. Ngesikhathi sokuloba, imininingwane ngezinhlelo zezinkonzo zesikhumbuzo neyomngcwabo bezingakaphothulwa.







